URamaphosa uthi ukulaliswa esibhedlela kwabantu abaphethwe i-Omicron akukubi kangako

Arthur Greene

UMengameli uCyril Ramaphosa ulushaye indiva uvalo lobungozi bokwehluka kwe-Omicron.

Ekhuluma ese-Accra eGhana ngoMgqibelo, uMengameli uthe ukunyuka kwabantu abalaliswa esibhedlela kusalokhu kuzinzile futhi ilokhu obekulindelekile.

Ngenkathi etshela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangathuki, uRamaphosa ugcizelele ukuthi kubalulekile ukuthi izinga lokugoma lithuthuke.

“Kufanele sikhuphule amazinga okugoma. Amazwe amaningi anomnotho omningi futhi athuthuke kakhulu abe nomhobholo njengoba ebegcina inqwaba yemigomo ukuba ingatholakali kalula ngamanye amazwe,” esho.

Bangaphezu kwezigidi ezingama-26 abantu abagomile eNingizimu Afrika kanti ingxenye yesine yabantu isigonywe ngokugcwele.

Kodwa-ke, akubona bonke ochwepheshe abavumayo ukuthi ukukhuphuka ngokutheleka nge-Covid-19 akufanele kube yimbangela yokukhathazeka okukhulu.

UWillem Hanekom, umqondisi we-Africa Health Research Institute eNingizimu Afrika, utshele i-Andrew Marr Show yase-UK ukuthi leli gciwane lisabalala “ngokushesha okukhulu.”

“Cishe konke ukutheleleka esikubonayo eNingizimu Afrika njengamanje okwe-Omicron,” kusho uHanekom.

URamaphosa ukugxekile ukuvinjelwa kokuhamba mayelana neNingizimu Afrika ngamazwe amaningana acebe kakhulu emhlabeni ngemuva kokutholakala kolunye uhlobo lwegciwane.

“Ayisatholakali nje kuphela eningizimu ye-Afrika kuphela. Empeleni ngithi lawo mazwe kumele ahambisane nalokho okwavunyelwana ngakho ku-G20, lapho kwavunyelwana khona ukuthi sivule ukuhambela amazwe ukuze umnotho wethu ubuyele esimeni esijwayelekile,” esho.

Wengeze ngokuthi usenxenxe kaningi ezikhulwini zombuso zala mazwe ebacela ukuthi bakuhoxise ukuvinjelwa. UMengameli wase-Ghana uNana Akufo-Addo uvumile ukuthi ukuvinjelwa kokuhamba bekungalungile.

Izihloko zakamuva