URamaphosa uthi udlame “luhlelwe ngokucophelela”

ULungani Zungu noEverson Luhanga

UMengameli uCyril Ramaphosa uphume umbhejazana mayelana nabagqugquzeli bokuphanga okunyakazise isifundazwe sase-Gauteng naKwaZulu-Natali ngemuva kokuboshwa kwalowo owayengumengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma.

URamaphosa uhambele e-KZN ngoLwesihlanu ehamba nethimba longqongqoshe bekhabhinethi yakhe ukuyobheka umonakalo odalekile.

Ekhuluma KwaMashu enyakatho neTheku, uRamaphosa uthe izidubedube “zihlelwe ngokucophelela.”

“Izinhloso zabagqugquzeli ziyahluleka ngoba abantu bakithi bavikela umbuso wethu wentando yeningi.”

Uphinde wanikeza amakhulu amavolontiya ahlanza e-KZN nase-Gauteng ukubonga okukhulu futhi wanxusa abantu abaningi ukuthi bajoyine.

“Leli yizwe lethu, futhi kufanele senze konke okusemandleni ukulivikela. Sicela abantu abaningi baseNingizimu Afrika basize ekulungiseni umonakalo odalwe ngabaphangi.”

Balinganiselwa kwabayi-117 abantu asebeshonile ngenxa yalezi zidubedube, nokuholele ekutheni uhulumeni abeke amasosha e-KZN nase-Gauteng ngenhloso yokubuyisa umthetho nokuhleleka.

Imeya yeTheku, uMnu uMxolisi Kaunda, uthe bangaphezu kwabayizi-60 000 abantu abazoswela imisebenzi ngenxa yokuphangwa nokucekelwa phansi kwempahla.

Ukuboshwa kukaZuma kuxabanise abaholi be-ANC.

Kodwa ongqongqoshe abaningi abaphezulu beKhabhinethi bathathe uhlangothi lukaRamaphosa osolwa ngabaxhasi bakaZuma abathembekile ngokuba yimbangela yezinkinga zakhe.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ungomunye wabantu abaphumele obala bathembisa ukuthi bazokweseka uRamaphosa.

UZuma ugwetshwe izinyanga eziyishumi nanhlanu ebhadla ejele ngemuva kokuphikisa umyalelo wenkantolo owawumtshela ukuthi avele ngaphambi kwekhomishini yophenyo yokulawulwa kombuso.

Khonamanjalo e-Gauteng, uNdunankulu uDavid Makhura ujoyine umkhankaso wokuhlanza okwenze abahlali abaningi babambe iqhaza. UMakhura uthe sekuyisikhathi sokwakha kabusha umnotho wezwe nokusiza uhulumeni ukunqanda ukuphanga.

UMakhura ubesenxanxatheleni yezitolo i-Tembisa Plaza lapho izinhlangano ezizimele kanye nabahlali bezinikele khona ukuhlanza inxanxathela yezitolo eyacekelwa phansi ngabaphangi.

Balinganiselwa kwabayisithupha abantu abashonile ngesikhathi isitolo abebesiphanga esasinosilinda wegesi uqhuma.

E-Alexandra, izinhlangano ezahlukene sezizinikele ekuhlanzeni le nxanxathela yezitolo.

NgoLwesihlanu, eminye imigwaqo ebivaliwe ibisivuliwe e-KZN nase-Gauteng.

Izihloko zakamuva