Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UMnuz uCyril Ramaphosa, osanda kufungiswa njengoMengameli wezwe, uzibophezele ekusebenzeleni bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abampofu nababuthaka, kanye nokuqinisa izwe nokuqinisekisa ukuthi liyavuka ebunzimeni.
Wenze lesi sifungo enziswa yiNhloko yamaJaji uRaymond Zondo, e-Union Buildings eTshwane ngoLwesithathu.
URamaphosa uthembise ukuvikela, kanye nokugcina uMthethosisekelo kanye nayo yonke eminye imithetho yaseNingizimu Afrika.
Enkulumweni yakhe yokuqala, ngesikhathi ethatha ihlandla lesibili, uRamaphosa ukhulume ngokusimama kwentando yabantu eNingizimu Afrika.
“Abantu baseNingizimu Afrika bakhulumile, bakhetha ukuthula nentando yeningi kunodweshu, udlame nezindlela eziphambene noMthethosisekelo,” usho kanje.
Uyincome kakhulu imiphumela yokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba engagunyazi noma yiliphi iqembu lezepolitiki ukuthi libuse lodwa.
Yize i-ANC ithole amavoti angu-40%, yehlulekile ukugcina iningi lamavoti ngemuva kweminyaka engu-30.
Ngemva kwalokhu i-ANC isibumbe uHulumeni woBumbano lukaZwelonke (GNU) lapho yona, i-DA, i-IFP, i-NFP, i-PAC, i-Good ne-RiseMzansi bebambe u-68% wezihlalo (273) ePhalamende likaZwelonke.
URamaphosa unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi beseke i-GNU futhi bachithe ukuphawula okungekuhle kwalabo abaphikisana nobumbano.
“Ngeke sivumele labo abamelene nalokhu ukuthi basivimbe ekusebenzeni ngokubambisana. Sifuna inqubekelaphambili ukuze kuthuthukiswe izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika,” kusho yena.
URamaphosa ugcizelele isidingo sokubambisana ukuze kudaleke amathuba emisebenzi futhi wathembisa ukususa labo abathikameza inqubekelaphambili nokulethwa kwezidingo.
UMengameli kulindeleke ukuthi amemezele ikhabhinethi yakhe ezinsukwini ezizayo.
Esithombeni esingenhla: UMengameli Cyril Ramaphosa nomkakhe uDkt Tshepo Motsepe
Umthombo: Doreen Mokgolo