URamaphosa uthi ngeke abe nobumbano namanye amaqembu

Zukile Majova

I-ANC isakholwa ukuthi kukhona ifu elimnyama elizungeza phezu kwayo.

Leli qembu selibeke amathemba alo ekutheni libuyelwe izihlalo njengoba licabanga ukuthi ukushuba kwesimo komasipala abamisiwe kungase kuphoqe ukuthi kuqhutshekwe nokhetho kulabo masipala.

Lokhu kuzonika leli qembu ithuba lokuhlanganisa amabutho alo futhi lenze noma yini ukuze abavoti balo baye ezikhungweni zokuvota.

Ukwesekwa kwe-ANC kwehle ngaphansi kusuka ku-50% kwaya ku-46% okokuqala ngqa eNingizimu Afrika yentando yeningi.

Ethula inkulumo yokubonga kumaqabane e-ANC eNyuvesi yaseGoli ophikweni lwase-Soweto, uMengameli uCyril Ramaphosa uthe ukulahlekelwa kwakamuva kwaleli qembu kuwukubuyela emuva okudalwe ngabalandeli beqembu abahlulekile ukuya eziteshini zokuvota.

“Kusobala ukuthi kunesikhathi esibekiwe sokuthi lezi zingxoxo zibe khona. Futhi uma lezo zingxoxo zihluleka, umthetho uyangena. Bese-ke kungase kube nolunye ukhetho lokukhetha abantu bethu,” esho.

Alikho iqembu elizuze amavoti amaningi komasipala abangama-66 ezweni lonke.

I-ANC isiphenduke insakavukela umchilo wesidwaba njengoba kunezinxushunxushu lapho iningi lamaqembu lithi alizimisele ngokusebenzisana ne-ANC.

URamaphosa unxuse amakhansela e-ANC ukuthi akulungele ukuhlala emabhentshini aphikisayo kwabanye omasipala.

“Ngeke singene kumadlelandawonye noma kanjani. Idlanzana lamaqembu lihamba lizishaya isifuba lithi ‘Ngeke sisebenzisane ne-ANC’.

“Kodwa ngubani othe sifuna ukusebenza nabo?”

Ehlisa ukuzithemba esiteji, uRamaphosa uzame ukuqinisekisa izihlwele ebeziphambi kwakhe.

“Kulungile. Asiguqile ngamadolo. Futhi uma maqabane kufanele siphikise, sizophikisana”.

Iqembu selithole amavoti angaphezu kwezigidi eziyi-10.6, lathola izihlalo zohulumeni basekhaya ezingaphezu kweziyi-4,500 futhi lazuza iningi emikhandlwini eyi-167.

“Yize sibone kwehla ukwesekwa kwethu, kodwa iqiniso lithi i-ANC iseyinhlangano yezepolitiki ethandwa kakhulu kuleli. Kungakhathalekile ukuthi bayathanda noma cha, lokho kuyiqiniso”.

Noma beveza ubuso obunesibindi, i-ANC iyazi ukuthi ngeke ikwazi ukuvumela iDolobha laseGoli elinabantu abayizigidi ezingama-R73 ukuthi liwele ezandleni zamaqembu aphikisayo.

Amanye amadolobha alengayo ahlanganisa iNelson Mandela Bay, i-Ekurhuleni, i-Tshwane kanye neTheku.

Izihloko zakamuva