Lungani Zungu
NgoMgqibelo lowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma usole owangena esikhundleni sakhe uCyril Ramaphosa ngokuvukela umbuso ngecala lepulazi i-Phala Phala.
Ngemuva kosuku, ngeSonto ngaphandle kokudalula amagama uRamaphosa uthe ukulawulwa kombuso icala elibhekiswe kubantu abajwayelekile bakuleli – futhi uJacob Zuma uthinteka kakhulu ekulawulweni kombuso.
“Inkohlakalo eyazibonakalisa ngokulawulwa kombuso kwakuyicala elibhekiswe kubantu bakuleli,” kusho uRamaphosa.
“Imali eyantshontshwa yaphinde yahlukunyezwa yaphuca abantu bakithi izinsiza okufanele ngabe ziholela ekuthuthukisweni kwezwe lethu nempilo engcono.
URamaphosa ubeke izinhlelo zakhe zokusebenzisa iziphakamiso zeKhomishana yoPhenyo yokuLawulwa koMbuso eholwa uMphathi wamaJaji uRaymond Zondo.
Umbiko wenze iziphakamiso ezingu-350 kanti ezingu-202 zalezo ngezamacala obugebengu.
Ekhuluma ehlise umoya uRamaphosa uthe iziphakamiso zikaZondo zizobopha labo abathinteka ekulawulweni kombuso. Lokhu kwanyakazisa isikhundla sowayenguMengameli wezwe uZuma nokwaholela ekutheni ehliswe esikhundleni ngendlela emangalisayo ngo-2018.
URamaphosa uthe kuzosungulwa uphiko lwabaphenyi njengohlaka oluzohlala njalo kwi-National Prosecuting Authority (NPA) ukulwa nanoma yimiphi imizamo yokulawula umbuso esikhathini esizayo.
Ozakwabo abasondelene noZuma umndeni wakwaGupta wabekwa phambili ekulawulweni kombuso ngesikhathi uZondo ehola ikhomishini.
URamaphosa uthe ikhomishini yenze iziphakamiso ezingu-202 mayelana nophenyo lobugebengu kanye nokushushiswa kwabantu.
“Okwamanje lezi ziphakamiso zithola ukunakwa izinhlaka zomthetho ngokusebenzisa i-Joint Task Force esebenzisana nezinye izinhlaka okubalwa kuzo i-South African Revenue Services (SARS) kanye ne-Financial Intelligence Centre (FIC).”
Uthe i-NPA isibhalise amacala angu-26, yamemezela ukuthi kunamacala angu-89 kanti abasolwa abangu-165 bavele enkantolo ngamacala ahlobene nokulawulwa kombuso.
Phakathi kwabo kukhona owayeyisikhulu esiphezulu kwa-Eskom uMnu Brian Molefe obesondelene nomndeni wakwaGupta.
URamaphosa uthe umbuso usubuyise u-R2.9 billion, kanti uphiko oluphenya amacala akhethekile luvule amacala amane ezinkantolo eziphakeme mayelana nezinkontileka zenani lika-R62.1 billion ezimataniswa nokulawulwa kombuso.
“Okutholwe ikhomishini kanye nobufakazi buholele ekutheni kuqoqwe izintela ezingakakhokhwa ezibalelwa ku-R4.8 billion,” esho.
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngoMgqibelo, uZuma umile kwelokuthi izandla zakhe zihlanzekile nakuba kunobufakazi obethulwe ikhomishini kaZondo bokuthi wanika abakwaGupta ithuba lokulawula isikhwama sombuso.
Isithombe esingenhla: uMengameli uCyril Ramaphosa
Umthombo wesithombe: Ihhovisi likaMongameli