Lubhalwe nguLungani Zungu
Kubukeka sengathi ithonya likaMengameli uCyril Ramaphosa lenza izimanga kwi-ANC ngemuva kohambo lwakhe lwezinsuku ezimbili lokuya KwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwangonyaka ozayo.
URamaphosa ubekwaDukuza ngoMgqibelo naseMgungundlovu ngeSonto.
Umyalezo wakhe omkhulu bekuwukuthi i-ANC ilwela ukuqeda inkohlakalo kuhulumeni ophethwe iqembu nokuthi ikhiphe izwe enkingeni kagesi.
Ekhuluma namavolontiya e-ANC eDambuza, ngaseMgungundlovu uRamaphosa uthe: “Noma kanjani sizoluwina ukhetho ngonyaka ozayo. Yingakho siqoke uNgqongqoshe kagesi ukuthi aqede ukucishwa kukagesi ngaphambi kokhetho.”
NjengoMengameli wezwe uRamaphosa esikhundleni sakhe wenze izinguquko kwikhabhinethi yakhe ngoMsombuluko, ememezela – phakathi kokunye – uNgqongqoshe obhekelele izindaba zikagesi ehhovisi lakhe.
Njengoba izwe lisaqhubeka nokubhekana nenkinga yokucishwa kukagesi, izinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi, kanye nenkohlakalo edla lubi, ongoti babikezela ukuthi i-ANC izokwehlela ngaphansi kuka-50% okhethweni oluzayo uma kuqhathaniswa no-57% leli qembu elawuthola okhethweni lukazwelonke lwango-2019.
URamaphosa ukuchithile lokhu kwaDambuza.
“Sizokwengeza ukwesekwa kwethu njenge-ANC. Sizoluwina ukhetho oluzayo ngendlela egculisayo,” kusho uRamaphosa ngesiZulu.
Ubephelezelwa ubuholi bonke be-ANC esifundazweni obuholwa uMnu Siboniso Duma kanye nosanda kuqokwa njengoNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uZizi Kodwa.
Izinkumbi zabantu ziqunge isibindi zahlala emvuleni nasemakhazeni ukuze zibone uRamaphosa ngesikhathi edlula edolobheni elincane lakwaDambuza.
Ngisho namaqhawe oMkhonto weSizwe – ake athathwa njengombutho walowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma – amamukele ngenjabulo uRamaphosa, kanti lokho kuyinkomba yokuthi uRamaphosa usekuqinise kangakanani ukwesekwa kwakhe kwi-ANC namadlelandawonye ayo.
NgoMgqibelo uRamaphosa uvakashele eLindelani engaphansi kwesifunda iGeneral Gizenga Mpanza (KwaDukuza), nokuyindawo ebiphethwe i-IFP phambilini.
Abanye bazwakalise ukukhathazeka ngokungabi bikho kukagesi ozinzile, amanzi kanye nezindlu ezifanele kule ndawo, kanti uRamaphosa uye wathembisa ukuthi konke lokhu kuzodlula maduze.
Kulindeleke ukuthi amanye amaqembu nawo aqale imikhankaso yawo yokhetho ezinsukwini ezizayo.
Kulindeleke ukuthi i-EFF isebenzise ukuvalwa kwezwe okuzoba ngomhlaka-20 kuNdasa njengendlela yokwethula lolu hlelo ngaphambi kokhetho.
Esithombeni esingenhla : UMengameli uCyril Ramaphosa
Umthombo wesithombe: @MyANC