URamaphosa uqoke uZondo njengenhloko yamajaji

Zukile Majova

UMengameli uCyril Ramaphosa angalindela ukugxekwa okukhulu  ezinhlakeni ezehlukene zezombusazwe ngokuqoka umehluleli uRaymond Zondo njengo mphathi wamaJaji kuleli.

Kodwa uRamaphosa wenze isinqumo esihle kakhulu ngokuqoka umuntu ozowenza umsebenzi futhi onamava.

UZondo ungomunye wamaJaji awaziyo umsebenzi futhi athembekile kuleli. Ukuphatha kwakhe iKhomishini yokuLawulwa koMbuso kumenze wathandeka kubantu abaningi baseNingizimu Afrika.

Kusobala ukuthi akayena umuntu odumile eLuthuli House, okuyikhaya le-ANC, lapho ukufuna kwakhe ubulungiswa kuholele ekutheni uNobhala weqembu u-Ace Magashule amiswe emsebenzini futhi ashushiswe ngamacala okukhwabanisa, inkohlakalo nokushushumbisa imali.

Ezinye izikhulu eziphezulu esigungwini esiphezulu se-ANC ezithintekayo embikweni kaZondo mayelana nokulawulwa koMbuso kubalwa owayenguMengameli wezwe uMnu uJacob Zuma, uNgqongqoshe wezokuMbiwa naMandla uMnu uGwede Mantashe nowayenguNgqongqoshe wezeziMali uMnu uMalusi Gigaba.

Ukuqokwa kwakhe njengomphathi weNkantolo yoMthethosisekelo kuyisibopho esiqinile sikaRamaphosa sokuqeda osopolitiki abenza ukukhohlakala kuhulumeni.

Abantu baseNingizimu Afrika sebelinde isikhathi eside ukuthi uRamaphosa agcine esesohlangothini lwabavoti futhi angavikeli amaqola nokucasha  ngokuthi ugqugquzela ubumbano kwi-ANC.

Isinqumo sikaMengameli siza njengoba ushuba umbango wokufuna umphefumulo we-ANC ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha bobuholi ngoZibandlela.

URamaphosa ukubeke kwacaca ukuthi noma kungathiwani, kodwa ufuna okubalwa nalabo abalwa nesihlava senkohlakalo esacishe sakhubaza uhulumeni.

Okwamanje akukacaci ukuthi ikhempu kaZuma izothatha bani njengelungu layo, kodwa uRamaphosa ubonakala esendleleni yokuthatha ihlandla lesibili.

URamaphosa uphinde waphakamisa uJustice Mandisa Maya esikhundleni sokuba iphini lomphathi wamaJaji.

“Inqubo edidiyelwe yokukhetha umholi wezobulungiswa olandelayo ayikhombisanga nje kuphela ukubaluleka kwabantu baseNingizimu Afrika abakubeke kwezobulungiswa, kodwa nokujula kwesipiliyoni nekhono emazingeni aphezulu ezobulungiswa,” kusho uRamaphosa.

Thina lapha endaweni yase-Mount Frere eyaziwa ngokuthi iKwaBhaca siyaziqhenya futhi siyancoma ukuthi nowendawo yangakithi umehluleli uMbuyiseli Madlanga naye uqokwe esikhundleni esiphezulu.

Scrolla World Cup Quiz