URamaphosa uphunyuke ogibeni lokumqumba phansi 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Amalungu amahlanu e-ANC ePhalamende asenkingeni ngemuva kokuvotela ukwamukelwa kombiko wodaba lwe-Phala Phala ephalamende nokuyinto engahambisani nesinqumo seqembu ngalolu daba.

Umhlangano wesigungu esiphezulu se-ANC uyalele amalungu ePhalamende ukuthi awuchithe lo mbiko njengoba uMengameli uCyril Ramaphosa enqume ukuwubuyekeza.

Umbiko womthetho wesigaba-89 wethimba eliholwa ngowayenguMphathi wamaJaji uSandile Ngcobo uthole ukuthi kungenzeka ukuthi uRamaphosa wephula isifungo sakhe sehhovisi, ukushushumbiswa kwemali kanye nemithetho yentela.

Ubuholi be-ANC buwuchithile lo mbiko bathi awuphelele, unamaphutha futhi wenzelwe ukwakha uhlelo lokugxeka uMengameli.

UNkosazana Dlamini-Zuma, uSupra Mahumapelo, uMosebenzi Zwane, uMervyn Dirks kanye noThandi Mahambehlala bawushaye indiva umyalelo weqembu.

USihlalo we-ANC kuzwelonke, uMnu Gwede Mantashe uthe bazodingida ukuthi yiziphi izinyathelo okumele bathathelwe zona.

“Sizobuyisela umbiko kwi-ANC ukuze sisho ukuthi sinamalungu amahlanu avote namaqembu aphikisayo,” kusho uMantashe.

Ukuvota kwangoLwesibili kusho ukuthi uRamaphosa ubalekela uhlelo lokushushiswa kwakhe ngemuva kokuthi amalungu ePhalamende angu-214 kwangu-400 avote ephikisana nokwamukelwa kombiko ngolwe-Phala Phala.

Okungenani amaLungu ePhalamende angu-148 avotele ukuthi umbiko wamukelwe.

Elinye iLungu lePhalamende le-ANC liqale lavotela ukuthi lo mbiko wamukelwe, kodwa ngokuhamba kwesikhathi laphenduka ngendlela emangalisayo lamemezela ukuthi selinqume ukuvotela ukuphikisana nokwamukelwa kombiko.

Njengoba sekusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kwengqungquthela ebalulekile ye-ANC ngoLwesihlanu, uRamaphosa namadlelandawonye akhe sebekhululekile.

Ukuvota kwenziwe ngohlelo lokuvota olujwayelekile – lapho amagama amalungu ePhalamende abizwe khona futhi umuntu ubesho ukuthi uvotela ukwamukelwa kombiko noma ngokumelene nawo.

Isicelo se-ATM sokuthi kuvotwe ngokuyimfihlo sichithwe uSomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula.

Umholi we-EFF uJulius Malema uthe iqembu lakhe lizoya enkantolo ukuze kuqalwe kabusha uhlelo lokuvota.

Esithombeni esingenhla: UCyril Ramaphosa

Umthombo wesithombe: @Presidency

Izihloko zakamuva