
Arthur Greene
UMengameli uCyril Ramaphosa wethule inkulumo kumabonakude ebhekiswe esizweni ngoLwesibili ebusuku ukumemezela ukuthi izwe libuyela kwizinga lesithathu lomvalelo kulandela ukubhebhetheka kwe-Covid-19 okukhula ngokushesha.
“Kumele sithathe izinyathelo ezinqala futhi sisebenze ngokushesha sisindise izimpilo zabantu,” kusho uRamaphosa.
Izinguquko kwimikhawulo yamanje zimi kanje:
● Izitolo ezidayisa utshwala obuzophathwa ukuya ekhaya zizovunyelwa ukwenza njalo phakathi koMsombuluko noLwesine.
● Isikhathi sokubuyela ekhaya sesizoqala ngo-10 ebusuku, okusho ukuthi izikhungo ezingabalulekile ezinjengezindawo ezidayisa utshwala, izindawo zokudlela kanye namathaveni kuzofanele zivalwe ngo-9 ebusuku ukuvumela abashayeli nabasebenzi ukuthi bafike emakhaya ngesikhathi.
● Isibalo sabantu abavunyelwe ukubuthana ezindlini sincishisiwe saya kwabangama-50, kanti isibalo sabantu abavunyelwe ukuhlangana ngaphandle manje sesingaba-100.
URamaphosa uthe i-Gauteng ithatha izingxenye ezimbili kwezintathu zokuthelelana futhi izodlula inani eliphakeme lwegagasi lesibili ezinsukwini ezimbalwa.
“Sibhekene nesimo esiphuthumayo kodwa uma sibambisana futhi senze okuthile manje sizosinqoba.”