Lubhalwe nguZukile Majova
UMengameli uCyril Ramaphosa usekhwele wadilika kwi-EFF njengoba ebuze umbuzo othi: nifuna ukubusa noma nizibophezele ekutheni nidale isiphithiphithi?
Ekhuluma ngemuva kwezinsuku ezimbili zenkulumompikiswano ye-SONA ugxeke i-EFF “njengabathengisi abaphelelwe ithemba.”
Ikhokhasi ye-EFF ibingekho ePhalamende ukuze iphendule uRamaphosa – yahlenga isizwe kwesinye isigameko esiyihlazo sokuxokozela ePhalamende likazwelonke.
Kodwa babandakanyeka ezintweni eziningi eziphazamisayo ezweni lonke.
Njengoba linamalungu angaphezu kwesigidi, i-EFF iyiqembu elikhulu ngobulungu kuleli.
Futhi ngo-10,3% wamavoti kazwelonke omele abavoti abangu-2,4 million iqembu elahlubuka kwi-ANC lingase libe amakhosi kuhulumeni kazwelonke ngonyaka ozayo.
URamaphosa uqale ukuphendula amaLungu ePhalamende ngokunxusa amaqembu ezepolitiki ukuthi asebenzisane ukuze kutholakale izixazululo ezinkingeni zezwe.
Kodwa uthe amanye amaqembu ezombusazwe awayingeni leyo.
“Esikhundleni sokwethula ukuhlola okulingene kwesimo sesizwe, abanye basebenzisa ukungathembeki nokuzicabangela bona,” esho.
“Abanye bakhetha ukubukela phansi nokwedelela osekuzuzwe eminyakeni emihlanu edlule phakathi kwezimo ezinzima kakhulu ngoba akusizo izinhloso zabo zezombusazwe ukuqaphela inqubekelaphambili esobala.”
Yize bebengekho ePhalamende, i-EFF ibilokhu iphuma ezindabeni kuleli sonto ezweni lonke.
• E-Tshwane usihlalo wesifunda u-Obakeng Ramabodu uhole isixuku se-EFF esigasele emahhovisi eMeya ephumayo uRandall Williams, baphoqa amalungu ekomiti lakhe ukuthi abaleke. Kubizwe onogada namaphoyisa kamasipala ngesikhathi amalungu ekomiti lemeya esatshiswa.
• Kumasipala wase-Ekurhuleni kudingeke ukuthi izinkantolo zingenelele ukuze kubuyiselwe uSomlomo womkhandlu uRaymond Dhlamini owaphoqwa ngamakhansela e-EFF ukuthi aphume esikhundleni.
• ENyuvesi yaseKapa i-EFF Student Command iphoqe inyuvesi ukuthi iyeke ukufundisa kuleli sonto.
• Ngomhlaka-20 kuNdasa uJulius Malema ufunge wagomela ukuthi amalungu eqembu lakhe azongenela umbhikisho “wokuvalwa kwezwe”.
“Ukuvalwa kwezwe kusho ukuthi ngeke kube nesikole futhi ngeke kube khona inyuvesi, [nokuthi azikho] izinkampani [noma] amabhizinisi azobe esebenza ngalolo suku.
“Bonke omasipala nawo wonke amadolobha amakhulu azovalwa, umsebenzi ngeke ube khona ngalolo suku. Kuzovalwa yonke imigwaqo emikhulu kuphinde kuvalwe wonke amachweba okungena kuhlanganisa nemigwaqo eholela emingceleni.
Akukho bhizinisi elizovulwa ngalolo suku futhi alikho iloli nesitimela esizovunyelwa emigwaqeni nakololiwe, ikakhulukazi amaloli athutha amaminerali namalahle kuleli awayisa ngaphandle kwalekuleli adlula e-Richards Bay.”
UMalema uzibona ezakhela ibutho labantu abasha abalwela ipolitiki.
Kodwa akakachazi ukuthi izinhlelo zakhe zokulimaza umnotho wezwe osuvele untekenteke zizoyisiza kanjani intsha yakuleli ukuthi ithole into eyodwa eyidinga kakhulu kunazo zonke: imisebenzi.
Esithombeni esingenhla: Umholi we-EFF uJulius Malema
Umthombo: @EFF