Zukile Majova
Bekucatshangwa ukuthi amalungu e-ANC angahle angene ezitaladini abhikishe kanye namagatsha ngenxa yokumiswa kukaNobhala-jikelele weqembu u-Ace Magashule.
Akuzange kwenzeke konke lokho.
Kunalokho kwanda isibalo sabantu abeseka uhlelo lukaMengameli uCyril Ramaphosa lokususa i-ANC emaseleni, abaphangi nabanye abathintekayo enkohlakalweni.
UMagushule omisiwe, obecabanga ukuthi amalungu eKomidi eliPhethe le-ANC kuzwelonke azokweseka isicelo sakhe sokubamba iqhaza emhlanganweni we-NEC weqembu, uphoxekile phambi kwe-NEC engavumanga ngaphandle kokuphikisana nayo okuncane.
URamaphosa umkhombise ukuthi kukhala isicathulo sakhe la ngesikhathi emxosha emhlanganweni ngaphambi kokuqhubeka nokwethula umbiko wakhe.
Abanye abaxoshwe kulo mhlangano nguNgqongqoshe wezokuPhepha noMnyango uBongani Bongo, ngenxa yokuthi yena nowayengunkosikazi wakhe uSandile Nkosi kanye nabanye abayishumi babekwe amacala enkohlakalo, ukukhwabanisa, ukweba, kanye nokwephula i-Public Finance Management Act.
Amacala angama-69 abhekene nawo afaka phakathi ukukhishwa kwemali eyizigidi ezingu-R37,5 esikhwameni soMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu eMpumalanga ngenhloso yokuthenga ipulazi.
Kamuva kwavela ukuthi umnikazi wepulazi wakhokhelwa izigidi ezi-R15 ngale ndawo.
NgoLwesine, iqembu elisekela uMagashule elingaphansi kwe-ANC Women’s League eliholwa nguMengameli walolu phiko uBathabile Dlamini, lihlulekile ukuthola lolu phiko ukuthi leseke uMagashule.
UDlamini uhlulekile ukulawula umhlangano obushubile futhi uveza amaqiniso ngoMagashule
UNobhala Jikelele we-Womens League uMookgo Matuba uthe: “Ngokumiswa kwakhe, simncenga njengabantu besifazane ukuthi azehlise njengoba kuqhubeka inqubo yenhlangano.
“Siyazi ukuthi kunzima kodwa siyamncenga ukuthi avuke aziqoqe, angaziphathi ngendlela ezoqhubeka yenze buthaka i-ANC esivele idonsa kanzima.”
Isinqumo salolu phiko sikhombise ushintsho njengoba phambilini bekucatshangwa ukuthi lolu phiko belungaphansi kwesandla sikamengameli walo nabalingani bakhe okukhona kubo uNkosazana Dlamini-Zuma, owayeyilungu elalingenele ukhetho lukaMengameli weqembu likaJacob Zuma.
Umhlangano we-ANC NEC nawo kulindeleke ukuthi udingide ukuqaliswa ngokuphelele kwesinyathelo esingqubuzanayo sokuxazululwa kwengqungquthela yokugcina yokukhetha ubuholi, izinhlelo zokhetho oluzayo lohulumeni basekhaya kanye necebo likahulumeni lokugoma i-covid-19.