URamaphosa ugquzwa abakwaba ngokulwa nenkohlakalo 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki


Umfelandawonye wabalimele usafuna ukuqumba phansi uMengameli uCyril Ramaphosa.

Ngosuku uMengameli amemezela ngalo ukuthi uzoqeda izigebengu kuhulumeni, labo abahlomula ngokwebiwa kwesamba esingaphezu kuka-R1 trillion kule minyaka eyishumi edlule baqala ukuhlela itulo lokumketula.

Itulo kanye nezigigaba ezimelene noRamaphosa zadlanga eminyakeni emine yokuqala yokuphatha kwakhe kwaze kwagcina sekubhuntsha nemizamo yokumkhipha esikhundleni sakhe njengoMengameli we-ANC.

Siyini isono sakhe? Ukusekela umsebenzi wekhomishini yokulawulwa kombuso, ukuqinisa amandla kwi-National Prosecuting Authority ngabashushisi abasha abangaphezu kuka-1,000 kanye nokwengeza amandla okuphenya emaphoyiseni.

Kwenzekani ngo-40% weqembu elingaphakathi ku-ANC elahluleka ukufaka ubuholi balo engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoZibandlela?

Lowo mkhankaso obuhlanganisa ikakhulukazi labo abathinteka ezenzweni ezingalungile ubufuna ukuphazamisa uhlelo lukaRamaphosa lokulwa nenkohlakalo.

USihlalo we-ANC kuzwelonke uGwede Mantashe ubiza leli qembu ngokuthi “imbumba yabalimele.”

Yibona abebehamba phambili bethi akuchithwe isinqumo sokuthi abaholi ababhekene nanoma yibuphi ubugebengu behle ezikhundleni zabo ukuze kuvikelwe isithunzi seqembu.

Iqembu elimelene noRamaphosa lihlezi likhona ngaphakathi kwi-ANC lihlela amasu, lishintsha imibala njengonwabu futhi lishintsha izinhlangothi; kanti konke lokhu kwenzelwa ukubukela phansi uRamaphosa.

Leli bekuyiqembu likaMnu Jacob Zuma labe selisekela umkhankaso “kaNDZ” ukuze kuqokwe uNkosazana Dlamini-Zuma. Muva nje beleseka owayengungqongqoshe wezeMpilo uZweli Mkhize ukuthi athathe isikhundla esiphezulu.

Naye uMkhize akahambisani nezinjongo zeqembu elingaphakathi kwi-ANC elibizwa nge-radical economic transformation (RET).

Njengoba umkhankaso kaMkhize usuphelile, leli qembu seliphinde lashintsha – manje seleseka iPhini likaMengameli we-ANC uPaul Mashatile.

UMashatile ubengazibandakanyi naleli qembu, kodwa uwine isikhundla sakhe ngenxa yokwesekwa yilo.

Futhi uzolidinga leli qembu kanye nezinombolo zalo uma efuna ukuhlula iqembu elibizwa nge-Ankole njengoba iqembu eleseka uRamaphosa libizwa kanjalo ngaphakathi kwi-ANC.

Ithimba elimelene noRamaphosa liqinisekile ukuthi lingamphoqa ukuthi aphume ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024.

Bajoyinwe ngabashisekeli abadumile abafana nomholi we-EFF uJulius Malema obezama ukusabisa uhulumeni kaRamaphosa ngalokho okubizwa ngokuthi umbhikisho wokuvalwa kwezwe obungomhlaka-20 kuNdasa.

Abanye abangaphandle kwi-ANC, i-African Transformation Movement eholwa uVuyolwethu Zungula obethembekile kuZuma ohola leli qembu nowayekhulumela uMengameli uJimmy Manyi.

UZungula uhamba phambili emkhankasweni wokuthweswa icala kukaRamaphosa ngeqhaza lakhe esigamekweni sokugetshengwa kwepulazi i-Phala Phala lapho okwebiwa khona imali engango-$580,000 emzini kaRamaphosa ngo-2020.

UManyi oyincelebane yabakwaGupta wazama ukukhohlisa isizwe “ngokuthenga” umbuso wabezindaba wezelamani zakwaGupta kodwa i-Multichoice yakususa lokho esihlokweni sayo se-DStv.

Sebemtholile uzakwabo omusha kuZwelinzima Vavi owayehola i-Cosatu ehambisana ne-ANC kodwa waxoshwa. Bamkhiphela ngaphandle embusweni omkhulu ohambisana nokuba yingxenye yombimbi we-ANC, i-Cosatu kanye ne-SACP.

UVavi ojoyine umbhikisho kaMalema ngoMsombuluko usehola i-South African Federation of Trade Unions (Saftu).

UZuma ongukhokho waleli qembu usesebenzisa i-South African National Civic Organisation (Sanco) ukuzama ukuvuselela umsebenzi wakhe.

I-Sanco ngokobuchwepheshe iseyingxenye yomfelandawonye walaba abathathu futhi njengoSihlalo wayo KwaZulu-Natal, uZuma ubambezela ukuthatha umhlalaphansi kanye nokungabi nandaba nepolitiki.

Kodwa ukuthi ngabe lo mfelandawonye wabalimele ungakwazi yini ukuqumba phansi ubuholi bukaRamaphosa kusengumbuzo omkhulu. Ngemuva kokuthi umbhikisho wokuvalwa kwezwe wakuleli sonto ungaphumeleli angase azizwe sengathi ngeke bamenze lutho.

Izihloko zakamuva