URamaphosa ugcizelela ekaNgqongqoshe kagesi 

Lubhalwe nguZukile Majova

UMengameli uCyril Ramaphosa uzichithile ezokuthi ukuqokwa okulindelekile kukaNgqongqoshe kagesi kuzofaka esinye isiphithiphithi koNgqongqoshe bamaqoqo kagesi.

Phakathi kokunye uRamaphosa uthe uNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli obhekele ugesi uzosiza uhulumeni ukuthi aphendule ngokushesha ekuxazululeni ukucishwa kukagesi.

“UNgqongqoshe uzobhekana nezinyathelo ezahlukene ezididiyelwe iKomiti likaZwelonke leziNkinga zikagesi ukuze kuqedwe ukucishwa kukagesi ngokushesha. Iqiniso ukuthi ukuxazululwa kwenkinga yamandla kudinga ukubambisana okusebenzayo eminyangweni eminingi nezinhlangano zomphakathi.”

UNgqongqoshe uzosiza ekusheshiseni uhlelo lokunakekelwa kweziteshi zikagesi zezwe futhi aqaphe ukuwohloka okulokhu kubeka isizwe ebumnyameni.

UMengameli uthe ukuzuza imiphumela ngokushesha kudinga “ukunakwa umphathi wezepolitiki ongadingi ukuhlukanisa isikhathi namandla phakathi kwezibopho ezibalulekile ezahlukahlukene.”

URamaphosa uthe uNgqongqoshe kagesi ngeke azibandakanye emizamweni eqhubekayo yezezimali kwa-Eskom noma ekuthuthukisweni kwenqubomgomo kazwelonke yezamandla.

“Usuku nosuku uNgqongqoshe kagesi uzogxila kuphela ekuxazululeni inkinga yokucishwa kukagesi esebenzisana nabaphathi bakwa-Eskom kanye nebhodi. UNgqongqoshe uzobe ehola iKomiti likaZwelonke leziNkinga zikagesi futhi uzoxoxisana nayo yonke iminyango ukubumba ukubusa ngokubambisana.”

UMengameli uqinisekise izinyunyana kanye nabamgxekayo be-ANC ukuthi u-$8.5 billion we-Just Energy Transition wokuthola imithombo yamandla avuselelekayo ngeke uholele ekutheni izimayini zamalahle zishiywe.

“Kumele siwuphebeze lo mbono wokuthi sizosebenzisa amalahle njengomthombo kaphethiloli. Kufanele sonke sikhumbule ukuthi iziteshi zikagesi eziphehlwa ngamalahle zihlinzeka u-80% womthombo wethu wamandla ngakho-ke, zizoqhubeka nokuhlinzeka ngenqwaba ‘yesisekelo sikagesi wethu.”

UNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi naMandla, uGwede Mantashe uzohlala enesibopho sokuqinisekisa ukusimama kwesikhathi eside komkhakha wezamandla.

UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uPravin Gordhan kusanguye omele abaninimasheya kwa-Eskom njengoba kulindelwe ukuthi alethe izinguquko enkampanini ka-R260 billion.

Njengoba sekusondele izinyanga zasebusika, uMantashe uthe ukuqokwa kukaNgqongqoshe omusha – ambize “ngomphathi wohlelo” – kumele kwenziwe ngokushesha.

Esithombeni esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa

Umthombo: @PresidencyZA

Izihloko zakamuva