Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa unxuse ukuthi kube nezinguquko kwezepolitiki nokuhlelwa kabusha kobumbano kumadlelandawonye phakathi kwe-ANC, Cosatu ne-SACP ukuze kuqinisekiswe ukuthi uKhongolose usebenza ngempumelelo emphakathini.
Ubethula umbiko wakhe ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela ka-55 yeqembu e-Nasrec eGoli ngoLwesihlanu.
Umbiko wezepolitiki uveza okwenziwa iqembu ukufeza izinqumo elizithathile engqungqutheleni kazwelonke edlule.
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe uRamaphosa uthe ukuvuselelwa kwe-ANC ngeke kuphelele ngaphandle kokuvuselelwa kwawo wonke umbutho okuhlanganisa nendlela abazobhekana ngayo nodaba lokwakhiwa kabusha lobumbano lwamadlelandawonye okuwumgogodla wale nhlangano.
“Udaba lokuhlela kabusha kumele luthathwe njengokuholela ekuthuthukiseni ubudlelwano kumadlelandawonye ezingeni likazwelonke le.
“Sikubonile ukungezwani kumadlelandawonye,” okubangelwa ukungakwazi kwethu ukuxoxisana ngempumelelo ezindabeni ezibalulekile.”
Ekhuluma ngoqhekeko eqenjini uthe ludalwa ukulwa kwabaholi ngenxa yokulwa nenkohlakalo.”
UMengameli uthe ukuze kuliwe nobugebengu babeke eqhulwini ukwakha amandla ngaphakathi kohlelo lokugcinwa komthetho ukuze kubuyiswe amandla nokuthembeka kuphiko lwezokuShushisa i-National Prosecuting Authority, amaphoyisa, oKlebe nezobuNhloli.
“Ngeke sivumele izigelekeqe namaqola ukuthi bacekele phansi ingqalasizinda yethu yomphakathi noma baqole amabhizinisi.”
UMengameli ukhulume ngokwehla kwezibalo ze-ANC okhethweni lwakamuva ikakhulukazi okhethweni lo hulumeni basekhaya okwenzeka nyakenye.
“Ngokokuqala emlandweni wentando yeningi ukuthi isabelo sethu samavoti sikazwelonke sehle sibe ngaphansi kuka-50%.”
Okunye okukhathaza kakhulu ukwehla okukhulu kwenani labantu abasha abavotayo. Okhethweni luka-1999 abantu abangu-41% abaneminyaka engu-18-19 babhalisela ukuvota, kanti nyakenye leso sibalo sehle safinyelela ku-9%.
Isithombe esingenhla ngesikaMengameli Cyril Ramaphosa ekhuluma engqungqutheleni ye-ANC e-Nasrec
Umthombo wesithombe: @tndaba