URamaphosa ufisa kwehliswe imimoya njengoba kubhebhetheka izingxabano eMiddle East

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UMengameli uCyril Ramaphosa usexwayise ngokuthi ingxabano ehlanganisa i-Iran, i-Israel ne-United States isongela ukuthula emhlabeni futhi wathi umthetho wamazwe ngamazwe awukuvumeli ukuzivikela okulindelekile.

UMnyango Wezobudlelwano Namazwe Omhlaba kanye Nokubambisana usutshele abantu baseNingizimu Afrika eMiddle East ukuthi babhalise ezindlini zamanxusa njengoba izindiza zisamisiwe.

UMengameli uCyril Ramaphosa usenxuse ukuthi kube nokwehliswa kwemimoya njengoba kushuba isimo eMiddle East.

Izimpi ezihlanganisa i-Iran, i-Israel kanye ne-United States sezikhulise ukwesaba kwempi enkulu.

URamaphosa uthe lesi simo sibeka engcupheni enkulu ukuthula nokuphepha kwesifunda nakwamanye amazwe.

Uxwayise ngokuthi ukungqubuzana kungase kube nemiphumela emikhulu kwezenhlalo yabantu, kwezokuxhumana kanye nezomnotho.

URamaphosa uthe umthetho wamazwe ngamazwe ucacile ngokuthi izwe lingazivikela nini.

“I-Article 51 ye-UN Charter ihlinzeka ngokuzivikela kuphela uma umbuso uhlaselwe kuhlonyiwe,” esho.

“Ukuzivikela okulindelekile akuvunyelwe ngaphansi komthetho wamazwe ngamazwe, futhi ukuzivikela akukwazi ukusekelwe ekucabangeni noma ekuqageleni.”
URamaphosa uthe samasosha asikwazi ukuxazulula izingxabano zezepolitiki.

Unxuse amazwe omhlaba ukuthi akhuphule imizamo yokudambisa isimo.

“Njengesizwe esiphume ezingxabanweni ngezingxoxo nokubuyisana, iNingizimu Afrika isamile enkolelweni yayo yokuthi ukuthula akukhona nje kuphela okwenzekayo, kodwa kubalulekile ekusaseni okwabelwana ngalo leMiddle East kanye nomhlaba wonke,” usho kanje.

UMnyango Wezobudlelwano Namazwe Ngamazwe Nokubambisana usunxuse abantu baseNingizimu Afrika bakulesi sifunda ukuthi babhalise ezindlini zamanxusa lapho behlala khona.

Okhulumela uMnyango uClayson Monyela uthe umnyango uyaxhumana nabantu bakuleli.

“Sixhumana nabantu baseNingizimu Afrika sisebenzisa izinkundla zokuxhumana ezehlukene. Izinhlelo zethu ziyasebenza. Izithunywa zezwe ngalinye zinezinhlelo zokuphuma. Kusacutshungulwa ukungenelela okuhlukahlukene,” esho ku-X.

Umnyango uxwayise ngokuthi usizo lungase lube ncane kwezinye izindawo. Ukwesekwa kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi ngesikhathi kunesimo esiphuthumayo. Kuya ngesimo sezokuphepha, uhulumeni angase angakwazi ukusiza wonke umuntu.

Abahambi sebevele bezizwa bengaphephile.

Ukungazwani kudale ukuphazamiseka okukhulu ekuhambeni kwezindiza emhlabeni wonke kusukela ekubhedukeni kwe-Covid-19. Izikhumulo zezindiza ezifana ne-Dubai International Airport kanye ne-Hamad International Airport abhekane nokuvalwa.

Izinkulungwane zezindiza zihoxisiwe noma zenzelwe kabusha komunye umzila.

Maphakathi nasekuseni ngeSonto, izindiza eziningi e ezisuka e-O.R. Tambo Isikhumulo Sezindiza Samazwe eziya eMiddle East zihoxisiwe.

Osesithombeni esingenhla: UMengameli Cyril Ramaphosa

Umthombo wesithombe: GCIS

Izihloko zakamuva