URamaphosa uchitha izinsolo asolwa ngazo

Dylan Bettencourt

UMengameli uCyril Ramaphosa uzichithile izinsolo abekwa zona ngowayeyisikhulu sezobunhloli u-Arthur Fraser.

Isitatimende esikhishwe nguFraser ngoLwesithathu sithe uvulele uRamaphosa icala lokuntshontsha imali engu-R62 million ayisebenzisa epulazini lakhe e-Bela-Bela e-Limpopo.

Lowo owayengumphathi wezinhloli uveze ukuthi wanikeza amaphoyisa ubufakazi obukhomba ukuthi uRamaphosa wafihla ubugebengu emaphoyiseni akwa-SAPS nakwa-SARS.

NgoLwesithathu ihhovisi likaMengameli liphendulile ngalezi zinsolo lathi uRamaphosa waqinisekisa ukuthi kwakunesigameko sokugetshengwa epulazini, kodwa wabika ngaleso sikhathi futhi akazange enze ubugebengu.

“UMengameli uRamaphosa ucacisile ukuthi abukho ubufakazi bezinsolo zobugebengu abekwe zona esitatimendeni sikaMnu uFraser.

“Ihhovisi likaMengameli lingakuqinisekisa ukuthi kwakunesigameko sobugebengu epulazini likaMengameli elise-Limpopo mhla ziyisishiyagalolunye kuNhlolanja ngonyaka ka-2020 lapho okwantshontshwa khona imali etholakala ngokudayiswa kwezilwane,” ngokusho kwesitatimende.

Amacala athweswe uRamaphosa ahlanganisa ukwephula umthetho, ukuthumba kanye nokukhokha intshontsho.

“Imininingwane yamacala kanye nobufakazi obusekelayo okuhlanganisa izithombe, ama-akhawunti asebhange, nevidiyo namagama kuqukethwe esitatimendeni sami esifakwe esiteshini samaphoyisa sase-Rosebank,” kusho isitatimende sikaFraser.

UFraser wengeze ngokuthi uRamaphosa wenza itulo nezigebengu ezazisebenza nabasebenzi basezindlini epulazini.

Isitatimende sehhovisi likaMengameli sengeze ngokuthi uRamaphosa wayehambele umhlangano we-African Union e-Ethiopia ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko lathi udaba lubikiwe emaphoyiseni ukuze aluphenye.

URamaphosa kuthiwa ukulungele futhi uzimisele ukuxhumana nanoma iziphi iziphathimandla mayelana nalezi zinsolo.

“UMengameli uRamaphosa umi ngomumo ukubambisana nanoma iluphi uphenyo lwezomthetho mayelana nalezi zindaba,” ngokusho kwesitatimende.

Scrolla World Cup Quiz