Celani Sikhakhane
Umbango wesikhundla sobukhosi bakwaZulu ususinda kakhulu kuhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali kangangokuba uNdunankulu uSihle Zikalala udlulisele lolu daba kuMengameli uCyril Ramaphosa.
Lokhu kuvezwe nguZikalala ngesikhathi kunomhlangano wesikhundla sikaNdunankulu, lapho ebechaza khona ikomidi lamalungu esiShayamthetho ngentuthuko yezindaba zobukhosi bakwaZulu.
Umbango usudale uqhekeko olukhulu ebukhosini nasesizweni samaZulu.
Uphinde wathinta nemikhosi ebucayi yaminyaka yonke, phakathi kwayo, kubalwa noMkhosi woMhlanga.
UZikalala uthe, ngokwemigomo yoMthetho Yobuholi Bomdabu NamaKhoi-San No 3 wezi-2019, udaba lomndeni waseNdlunkulu yakwaZulu selusingethwe nguRamaphosa.
“UMengameli udlulisele lo msebenzi ngokusemthethweni kuNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma.
“Uhulumeni wesifundazwe uhambise umbiko kumhlonishwa uMengameli ngaphansi kwayo yonke imizamo eyenziwe nguhulumeni wesifundazwe ukuxazulula lolu daba,” kusho uZikalala.
Uthe isigungu esiphezulu siyayeseka yonke imizamo kahulumeni yokuxazulula lolu daba ngokushesha okukhulu.
“Isigungu esiphezulu sizoqhubeka nokudlala indima yaso yokweseka nokwenza yonke imisebenzi yaso uma kudingeka,” kuphetha uZikalala.
Udaba lobukhosi bakwaZulu nalo lubambezele ukugcotshwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini, owamenyezelwa ukuthi uyiNkosi entsha yesizwe samaZulu nguNdunankulu wendabuko, uMntwana uMangosuthu Buthelezi.
Kunamalungu omndeni abephikisana nesinqumo sokuqokwa kweNkosi uMisuzulu, futhi athathwa njengamahlongandlebe.
Bazwakalise ukukhathazeka ngokuthi lesi simemezelo asihambisani nemigomo namazinga omndeni.
Kusukela lapho udaba seluhanjiswe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
INkosi uMisuzulu kaZwelithini usevele uyayenza imisebenzi esemthethweni nonkosikazi wakhe, iNdlovukazi uNtokozo.
Manje basebenzisa izimoto ezisemthethweni zeSilo esikhotheme uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, kubandakanya nabasebenzi bakhe.
Sekunamagama amathathu aselethwe ngaphambili awabantu abangahlala esihlalweni sobukhosi.