URamaphosa ubuyisela iNingizimu Afrika kwizinga lesibili lomvalelo njengoba izibalo zabahaqwa i-Covid zikhuphuka

Igagasi lesithathu selidlangile kwelakuleli.

UMengameli uCyril Ramaphosa wethule inkulumo yakhe esizweni mayelana nezinyathelo eziqinile zomvalelo ngeSonto ebusuku.

Sikwizinga lesibili lomvalelo. Isikhathi sokubuyela ekhaya ihora le-10 ebusuku kuya kwihora le-4 ekuseni futhi yonke imibuthano izokhawulelwa kubantu abayi-100 abangaphakathi ezindlini kanye nabantu abangama-250 ngaphandle.

URamaphosa uthe i-Free State, iNyakatho yeKapa, i-North West kanye ne-Gauteng zonke sezihlaselwe igagasi lesithathu ngezibalo eziphezulu.

Ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule, kube nesilinganiso sokutheleleka kwabayi-3,745 nsuku zonke. URamaphosa uthe lokhu kukhuphuke ngo-31% ngesonto eledlule, kanti bekukhuphuke ngo-66% ngesonto elandulela lelo.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto, i-Scrolla.Africa ibike ngengozi yamazinga aphansi e-oksijini ezibhedlela njengoba kusondela igagasi elilandelayo.

Yize ekugcineni uhlelo lokugoma seluqalile, iNingizimu Afrika isesemuva emazweni amaningi. Ngokusho kwe-Financial Times ‘global vaccine tracker’, iNingizimu Afrika njengamanje isezingeni eliphansi kakhulu ohlwini, phakathi kwe-Gambia ne-Liberia, ngamanani ayi-1.2 kubantu abayi-100. URamaphosa ukuqinisekisile ukuthi bayi-960,000 abantu abathole umthamo wabo wokuqala.

Umthombo wesithombe: @PresidencyZA

Izihloko zakamuva