Lungani Zungu
UMengameli uCyril Ramaphosa kulindeleke ukuthi abe nengxoxo ebucayi nethimba lakhe lezokuphepha ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wezokuVikela uNosiviwe Mapisa-Nqakula ekhulume esidlangalaleni ephikisana nomengameli ngalezi zidubedube.
NgoLwesihlanu, uRamaphosa obebukeka ezimisele watshela isizwe ukuthi izidubedube zangesonto eledlule kwakuwukuvukelwa kombuso.
Ngemuva kwezinsuku ezimbili, uMapisa-Nqakula uthe alukho uthuthuva noma ukuvukelwa kombuso.
I-Scrolla.Africa itshelwe umthombo othembekile ehhovisi likaMengameli ukuthi uRamaphosa unamahloni ngalokhu kuphikisana futhi wacela abasizi bakhe ukuthi bahlele umhlangano nabeqembu lezokuphepha ngaphambi kokuphela kwesonto.
Abezokuphepha kubalwa uNgqongqoshe wezokuVikela uNqakula, uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso u-Ayanda Dlodlo kanye noNgqongqoshe wezoBulungiswa uRonald Lamola.
Bekungekhona okokuqala ukuthi imiyalezo ephikisanayo ivele koNgqongqoshe bakahulumeni.
Ngesonto eledlule uNgqongqoshe u-Ayanda Dlodlo wazichitha izinsolo ezenziwa esidlangalaleni yiphini lakhe uZizi Kodwa zokuthi izidubedube bekungukuhlaselwa kombuso nokugqugquzela ukukhishwa kukaRamaphosa esikhundleni sokuba ngumengameli.
“UMengameli manje usefuna ukuba nohlobo oluthile lwenhlangano maqondana nokusabalalisa ulwazi kuzakhamizi ngalezi zikhathi ezinzima,” kusho omunye umthombo ophakeme.
NgoMsombuluko, encwadini yakhe yamasonto onke, uRamaphosa ubonge lokho akubize ngezingalo eziqinile zabantu baseNingizimu Afrika ngokuhlenga intando yeningi.
“Esontweni eledlule, izwe lethu libe nezinxushunxushu. Kukhona abebefuna ukucekela phansi umthethosisekelo wethu,” kusho yena.
Isikhulumi esibambile eHhovisi likaMengameli, uTyrone Seale akakuqinisekisanga ukuba khona komhlangano ohleliwe phakathi kukaMengameli nethimba lezokuphepha.
Uthe akukho nkinga njengoba uMengameli isikhathi esiningi eba nemihlangano nabantu abehlukene ikakhulukazi ngezikhathi zodlame.
Imizamo yokuthola uSiphiwe Dlamini, okhulumela uMapisa-Nqakula, ayiphumelelanga.