
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Wonke umuntu uzimisele ngokuthola ingxenye yevoti lentsha – kodwa imikhankaso yokhetho isafana neyangeminyaka engu-30 edlule.
Ngomhlaka-15 kuNdasa ngo-1994 emasontweni ayisithupha ngaphambi kokuthi abantu bakuleli bavote okhethweni lokuqala lwentando yeningi ngomhlaka-27 kuMbasa, uNelson Mandela wethula isethi yezithembiso zekusasa lakuleli.
Ngaleso sikhathi isithembiso samanzi okuphuza ahlanzekile kuwo wonke amakhaya sasihlaba umxhwele.
Kwathenjiswa kwakutholakala nogesi ezindlini zabantu ekubeni amanye amadolobha namadolobhana engenawo ugesi.
Ezinye izethembiso zakhe zazilinganisa ukubuyisela isithunzi somuntu ngemisebenzi, izindawo zokugezela ezihloniphekile zabampofu kanye nezindlu zamahhala njengengxenye yoHlelo lwakhe loKwakha kaBusha neNtuthuko.
Cishe eminyakeni engu-30 kamuva uMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa ungene emkhankasweni KwaZulu-Natal ngoNdasa kulo nyaka wenza izethembiso ezifana nezikaMadiba.
“Ukuba khona kwethu lapha kumayelana nokubhekana nezinselelo ezibhekene nabantu bakithi njengezinkinga zamanzi nokuntuleka kwemisebenzi. Lesi isiqalo somkhankaso wethu wokhetho. Kusho ukuthi amasondo omkhankaso wethu wokhetho ayaqhubeka.”
Uthembise ukuphakelwa kukagesi ozinzile njengoba kuqashwe uNgqongqoshe wezaMandla kagesi uKgosientsho Ramakgopa ekutheni abhekelele ukucishwa kukagesi.
I-IEC esemkhankasweni wokubhalisela ukuvota ithi kuze kube manje isibhalise intsha engaphezu kuka-7,9 million eneminyaka engu-16 kuya kwengu-29. I-Quarterly Labour Survey ihlaba umkhosi ukungasebenzi kwentsha njengenkinga enkulu ebhekene nentsha yakuleli namuhla.
Ithi ukuntuleka kwemisebenzi kwabaneminyaka engu-15-24 ubudala kufinyelela ku-63,9% kanye no-42,1% wabaneminyaka engu-25-34.
URamaphosa wethembise ukuqhubeka noxhaso luka-R350 olwethulwa ngo-2020 ukubhekana nobhubhane lwe-Covid-19.
Ayikho imizamo ecacile yokuveza amandla aphelele omkhakha we-ICT odla imali eshisiwe ongasiza izigidi zabantu abasha abangasebenzi.
Kulindeleke ukuthi kufakwe phakathi kuka-R500 billion no-R1 trillion emkhakheni wezamandla kuleli eminyakeni embalwa ezayo kodwa awekho amasu acacile okuhlomulisa abantu abasha kulokhu kugujwa kwegolide.
I-ANC yathola amavoti angu-41.5% kuphela KwaZulu-Natal okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021.
Ukwenza kahle kwe-IFP esifundazweni sekwenze leli qembu laphatha komasipala abangu-29 nokuyinto eyehlise i-ANC kumasipala weTheku yaba ngaphansi kuka-50%.
Iqembu likaRamaphosa lisengozini enkulu yokwehluleka ukuthola amavoti amaningi KwaZulu-Natal naseGoli lapho eyathola khona amavoti angu-50,09% okhethweni lwango-2019.
Esithombeni esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa
Umthombo wesithombe: @PresidencyZA