URamaphosa nethuba lokuthola ihlandla lesibili

Lubhalwe nguLungani Zungu

UMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa ubukeka ezogcina isikhundla sakhe njengoMengameli weqembu uma iqembu elibusayo likhetha ubuholi obusha engqungqutheleni yesi-55 yokukhetha ubuholi ngoZibandlela.

NgoLwesibili, leli qembu likhiphe uhlu lwalo lokugcina lwabaqokelwe ezikhundleni eziyisithupha eziphezulu.

Abalandeli bakaRamaphosa bathi bekuvele kubonakala ukuthi uzosigcina isikhundla sakhe ngemuva kokuthi ephakanyiswe amagatsha e-ANC angu-2 037.

Imbangi yakhe owayenguNgqongqoshe wezeMpilo, uZweli Mkhize uphakanyiswe amagatsha angu-916.

Abaholi ababili abaphezulu be-ANC bazobanga isikhundla sokuba uMengameli we-ANC.

Ngokujwayelekile nangokusekelwe emlandweni, ozothatha isikhundla esinamandla seqembu kulindeleke ukuthi kube nguye olandelayo esikhundleni sikaMengameli wezwe.

Abanye abagaqele isikhundla sobuMengameli uNkosazana Dlamini Zuma noLindiwe Sisulu bahlulekile ukufinyelela ekutheni baphakanyiswe kulesi sikhundla.

Kodwa-ke, kulindeleke ukuthi kubonakale umbango ngaphambi kwengqungquthela.

Ohamba phambili ophakanyiswe amagatsha angu-1 791 esikhundleni sokuba iphini likaMengameli, uMnu Paul Mashatile osenguMgcinimafa-jikelele we-ANC ophinde abe nguNobhala-Jikelele osabambile.

Ilungu le-National Executive Committee (NEC) nowayengumholi wophiko lwentsha le-ANC, uRonald Lamola uphakanyiswe amagatsha angu-427. USihlalo we-ANC, e-Eastern Cape ophinde abe uNdunankulu wesifundazwe u-Oscar Mabuyane uphume ekugcineni kanti uphakanyiswe amagatsha angu-397.

UMnu Stanley Mathabatha onguSihlalo we-ANC ophinde abe uNdunankulu wase-Limpopo uthole isibalo esiphezulu waphakanyiswa esikhundleni sikaSihlalo kazwelonke ngamagatsha angu-1,492.

Ulandelwe nguSihlalo kazwelonke uMnu Gwede Mantashe ngamavoti angu-979.

IPhini likaNgqongqoshe wezeziMali kuleli uMnu David Masondo uthole amavoti angu-507.

UMathabatha, uMantashe kanye noMasondo bazobanga isikhundla sikaSihlalo kazwelonke.

OwayenguNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli nguyena ohola phambili esikhundleni sikaNobhala-Jikelele ngokugcwele ngemuva kokuthola amavoti angu-1 225.

UPhumulo Masualle uthole angu-889, ngesikhathi uFikile Mbalula ephuma isithathu ngamavoti angu-749.

Abesifazane ababili kuphela abaphumelele ukuqokwa ezikhundleni eziyisithupha eziphezulu – uNomvula Mokonyane kanye noFebe Potgieter – bazobhekana ngeziqu zamehlo bebanga isikhundla sePhini likaNobhala-Jikelele.

UMokonyane uthole amavoti angu-1,779 uma kuqhathaniswa namavoti angu-905 kaPotgieter.

Esikhaleni sikaMgcinimafa-jikelele umeluleki kaRamaphosa kwezepolitiki uBenjani Chauke uthole amavoti angu-552.

UMnu Pule Mabe okhulumela i-ANC uphume isibili wathola amavoti angu-428, ngesikhathi uMnu Mzwandile Masina onguSihlalo we-ANC Ekurhuleni ethola amavoti angu-348.

Imiphumela imenyezelwe uSihlalo weKomidi loKhetho leqembu uKgalema Motlanthe ekomkhulu le-ANC eLuthuli House ngoLwesibili.

OwayenguMengameli wezwe uJacob Zuma kanye nesekela lakhe uDavid Mabuza abazange baphakanyiswe.

UZuma ubefuna ukuqokelwa isikhundla sikasihlalo.

Esithombeni esingenhla: Abaholi be-ANC abagaqele isikhundla sokuba nguMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa noZweli Mkhize

Umthombo wesithombe: @MyANC

Scrolla World Cup Quiz