URamaphosa nethemba lokuxazulula eyeRussia ne-Ukraine

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

UMengameli uCyril Ramaphosa ugcizelele ukuthi umkhankaso we-African Peace Initiative owenziwe ithimba lamazwe ayisikhombisa ase-Afrika e-Russia nase-Ukraine “kumele ube nomthelela omuhle.”

“Impumelelo izobonakala uma inhloso isifezekile okuwukumisa impi,” esho.

UMengameli ubephendula ukugxekwa kwalolu hlelo lokuthula okuthiwa  bekuwubudlelwano mbumbulu phakathi kwabaholi base-Afrika kanye nokumosha imali yabakhokhi bentela.

“Umthelela okube nawo ukuthi silalelwe ngesikhathi sinikeza umbono wase-Afrika ngempi enemiphumela engemihle ezwenikazi lethu,” kusho uRamaphosa.

“Okwesibili, yithina kuphela iqembu elihlanganise laba baholi ababili esikhathini esifushane ukubeka isiphakamiso esinamandla sokuthi kumele impi iphele.”

UMengameli uthe izingxoxo zokuthi kuphele impi zizoba yingxenye yengqungquthela ye-Afrika ne-Russia ngoNtulikazi.

Ithimba lethule izinto eziyishumi ezibalulekile zalolu hlelo kuMengameli wase-Ukraine, uVolodymyr Zelenskyy ngoLwesihlanu kanye nakuMengameli wase-Russia uVladimir Putin ngoMgqibelo.

URamaphosa ubehola ithimba elihlanganisa uMengameli wase-Senegal uMacky Sall, uMengameli wase-Zambia uHakainde Hichilema, uMengameli wase-Comoros kanye nomholi we-African Union u-Azali Assoumani.

“Impi inomthelela omubi ezwenikazi lase-Afrika nakwamanye amazwe amaningi emhlabeni,” kusho uRamaphosa.

“Amanani entengo yezimpahla anyukile ikakhulukazi okusanhlamvu nomanyolo. Amanani kaphethiloli nawo anyukile ngenxa yempi eqhubekayo. Kuyintshisekelo yethu sonke ukuthi impi iphele.”

UZelensky, izwe lakhe elisempini ne-Russia uthe ukuthula ngeke kube khona njengoba amabutho ase-Russia esakhona emngceleni we-Ukraine.

UPutin uthe uzimisele ukubamba iqhaza ezingxoxweni zokuthula kodwa akazimisele ngokuphuma ezingxenyeni ezithile ze-Ukraine athi izindawo ze-Russia.

Izihloko zakamuva