URamaphosa nengcindezi yokuxosha uDlamini

Zukile Majova

UMengameli uCyril Ramaphosa ungaphansi kwengcindezi yokuxosha uBathabile Dlamini. 

Ukuxosha uBathabile bekuzoba umsebenzi olula uma lowo owayenguNgqongqoshe engazange asebenzise amandla kwi-ANC.

URamaphosa kumele alandele imithetho yakamuva ye-ANC ethi amalungu athweswe amacala ngamaphoyisa kumele ehle ezikhundleni zawo ukuze ahlenge inhlangano ehlazweni.

Uma ilungu selitholakele linecala, kumele lisule kuzo zonke izikhundla zomphakathi kanye nezikhundla zezepolitiki kwi-ANC.

UDlamini wenqabile ukuhoxa ngesikhathi ethweswa icala futhi angeke ahambe ngaphandle kokulwa noma ngathiwa ulahlwe icala lokuqamba amanga eNkantolo.

UDlamini olahlwe icala uqhamuka KwaZulu-Natali, okuyisifundazwe nesizinda sokwethula yonke imikhankaso emelene noRamaphosa.

Wazalelwa eNkandla, lapho okudabuka khona owayenguMengameli uJacob Zuma ohola amaqabane e-RET, okuwuhlaka olumelene noRamaphosa kwi-ANC.

Lowo owayenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC esinamandla futhi unguMengameli we-ANC Women’s League.

Ukuxoshwa kukaDlamini ngokugcwele kusasele izinyanga eziyisishiyagalolunye ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ngoZibandlela kungase kuphazamise umkhankaso kaRamaphosa wokubuya ihlandla lesibili.

UDlamini nalabo abambisene nabo sebephikisana ngokuthi osopolitiki besilisa abathinteka ezenzweni zobugebengu baphathwa kahle njengezingane ezincane ekubeni yena uyaxoshwa ngokwenza icala elincane ngokuqamba amanga yize efungile eNkantolo. 

“Kungani bonke abesilisa becabanga ukuthi bangakwazi ukuthi bacele ukubuyekezwa kwamacala abo kodwa abanye akumele bakwenze lokho.

Kungani becabanga ukuthi abanye ngeke bakwazi ukuphikisa amacala afana nawabo,” ebhale lokho ku-Twitter.

“Amalungelo kumele asebenze kuthina sonke ayi abakhethiweyo.”

Kulokhu kuyacaca ukuthi ukungahambisani kukaRamaphosa ekulandeleni igxathu elibekwe eceleni kwemithetho kungase kumxabanise namadlelandawonye kaDlamini kwi-ANC Women’s League ebilokhu imvikela emahlazweni amaningi eminyakeni edlule.

Ungomunye wamalungu e-ANC ePhalamende angu-14 asinda ehlazweni le-Travelgate langonyaka ka-2006 lapho amalungu ePhalamende afaka izicelo zokukhwabanisa noma ezingafanele ePhalamende beqola umbuso ngamabomu.

Ecaleni lakhe wadla imali engaphezu kuka-R245 000 ngezinsolo zomgunyathi okubalwa indawo yokulala ehhotela kanye nokuqashwa kwezimoto.

Uma exoshwa ngesikhathi abalandeli bakaRamaphosa njengoNgqongqoshe wezaMandla uGwede Mantashe bevikelekile noma bebalwa emibikweni yokulawulwa kombuso, uDlamini angase agudluze i-ANCWL ohlangothini lukaZuma futhi abhuntshise isicelo sikaRamaphosa.

Izithunywa zabesifazane zizomela u-40% wezithunywa ezicishe zibe ngu-5,000 ezizobamba iqhaza engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoZibandlela.

Izihloko zakamuva