URamaphosa nabaholi beqembu eKZN bacele izibusiso kuNyazi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMengameli uCyril Ramaphosa uhole  abaholi be-ANC eKZN abavakashele eBuhleni beyocela izibusiso ngaphambi kokhetho olubhekwe ngabomvu lwangonyaka ozayo.

Abaholi be-ANC eKZN banetwetwe lokulahlekelwa yisifundazwe ngo-2024 ngenxa yokuhlulwa okuyisimanga kweqembu okhethweni lokuchibiyela kusukela ngokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021.

URamaphosa uhlanganyele nomholi wohlangothi lwaseBuhleni, uMduduzu Nyazilwezulu Shembe enkonzweni yaseBuhleni eNanda enyakatho yeTheku, ngoMgqibelo.

“Ngihlangane neNkosi uNyazilwezulu ngaphakathi ethempelini ngacela umkhuleko,” kusho uRamaphosa.

UMengameli uthe badingide izinto ezahlukene njengohlelo lwamanzi abalwenza eKZN nokuzibophezela kwabo ekuqinisekiseni ukuthi izingane zithola ukudla esikoleni kabili ngosuku.

“Sixazulule izinkinga ebesinazo mayelana nodaba lokuphakelwa kwezingane ukudla ezikoleni,” kusho uRamaphosa.

Uphinde wabikela ibandla lakwaShembe ngezinhlelo zentuthuko ezenzeka eKZN. 

Uthembise umholi wakwaShembe ukuthi ubheke ukunyusa imali yesibonelelo sikahulumeni ka-R350 emuva kokuthi ecelwe ngabahlomulayo.

Ukhulume ngokuthuthukiswa kwendlu yethempeli lapho kuhlala amalungu ebandla, kuhlanganisa nangokusiza nge-sound.

Ibandla seliya ngasemaphethelweni ombuthano walo waminyaka yonke kaNtulikazi, oqale mhlaka-1 ozophela ngempelasonto ezayo. Ngokuhambisana nesiko lebandla, izinkulungwane zezithandani zizobopha ifindo likasofa silahlane ngempelasonto.

Lo mbuthano waminyaka yonke uhambisana nomgidi wezintombi nto odonsa izinsuku eziyisikhombisa lapho abesifazane abayizintombi nto bebungaza ubuntombi babo.

Kule nyanga, amalungu ebandla awakudli ukudla okuthile ikakhulukazi isinkwa esishisayo kanye nokuhlonipha amanye amasiko afana nokuthi abayi ocansini.

Esithombeni esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa noNdunankulu waseKZN uNomusa MaDube-Ncube behola ithimba likahulumeni emkhulekweni ebandleni lakwaShembe eBuhleni eNanda.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva