URamaphosa ezingxoxweni zomhlaba nabaholi baseNetherlands naseDenmark

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

UMengameli uCyril Ramaphosa ukhuphule izinga lakhe kwezokuxhumana ngoLwesibili njengoba amukele uNdunankulu wase-Denmark nowase-Netherlands.

Isenzo sokusingatha abaholi ababili bombuso ngesikhathi esisodwa kusho ukuthi uMengameli uveza amakhono akhe asezingeni eliphezulu ukuze atshale imali engu-R14.5 billion evela e-Netherlands.

Kuyaye kuthiwe uRamaphosa ungomunye wabantu abakwazi ukuhweba nokubamba izingxoxo eziphumelelayo futhi konke lokhu kubonakale ngoLwesibili.

Ngentambama eyodwa uRamaphosa uhlenge ngempumelelo uhlelo lwakuleli lwe-Just Energy Transition Programme lwemali engu-R254 billion.

Lolu hlelo oluxhaswe ngamazwe acebe kakhulu emhlabeni belukhombisa ukwethemba uhulumeni kaRamaphosa kodwa lucishe lwaqedwa izimpi emkhakheni wezamandla ne-ANC.

UMengameli ubenomhlangano noNdunankulu wase-Netherlands uMark Rutte kanye nowase-Denmark uMette Frederiksen e-Presidential Guesthouse, ePitoli.

Umhlangano wabo ulandelwe ingqungquthela ebe impumelelo enkulu phakathi kwabaholi bamabhizinisi emkhakheni wezamandla kuleli kanye nozakwabo base-Denmark nase-Netherlands.

Obekugxilwe kukho kakhulu ngalolu suku bekungamathuba okutshalwa kwezimali ku-hydrogen eluhlaza kanye nokushintshwa kwamandla ngokungathembeli kakhulu eziteshini eziphehla ugesi ngamalahle ukuya emithonjeni yamandla avuselelekayo.

Elakuleli lidinga kakhulu amandla kagesi athembekile ukuze liqinise ukusimama komnotho kanye nokutshalwa kwezimali esikhathini esizayo kwingqalasizinda, ezimayini, kwezokukhiqiza kanye nakwezamabhizinisi ezolimo.

I-South African Reserve Bank ithe njengamanje ukucishwa kukagesi kudla umnotho u-R900 million ngosuku.

Ngesikhathi amalungu amabili e-European Union kanye ne-North Atlantic Treaty Organisation esegumbini lakhe lomhlangano, uRamaphosa akakwazanga ukulinda ukucela la mazwe amabili ukuthi aseke umsebenzi wakhe wakamuva wokuletha ukuthula phakathi kwe-Ukraine ne-Russia.

“Sikholelwa ekutheni ukungenelela kwethu kube impumelelo ekuqinisekiseni ukuzimisela kwabaholi base-Afrika ngokufaka isandla ezingxoxweni zokuthula kanye nokugqamisa imiphumela ebanzi yempi. Siyethemba ukuthi kuzofaka isandla ngandlela thize emizamweni yokuthula yamazwe ngamazwe eqhubekayo,” kusho uRamaphosa.

Esithombeni esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa, uNdunankulu wase-Netherlands uMark Rutte kanye noNdunakulu wase-Denmark uMette Frederiksen befika e-Menlyn.

Umthombo wesithombe: @PresidencyZA

Izihloko zakamuva