URamaphosa akanawo amachashaza kwaSars 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

UKhomishana wakwa-South African Tax Revenue Service u-Edward Kieswetter  uphonsele osopolitiki abasezikhundleni eziphezulu kuleli inselelo yokuthi baveze esidlangalaleni isimo sezintela zabo.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa eveze isimo sakhe sakwaSars.

Lokhu kuvele phakathi nesonto lomdlalo oshubile kaRamaphosa. Ezinsukwini ezedlule abakwa-SARS bakuqinisekisile ukuthi abanalo irekhodi lokuthi usomabhizinisi wase-Sudan u-Hazim Mustafa owathenga inyamazane epulazini likaRamaphosa ngo-$580,000 wamemezela le mali yangaphandle kubasebenzi base-OR Tambo ngesikhathi engena kuleli ngoZibandlela ngo-2019.

Umholi we-DA, uJohn Steenhuisen uqhubekile nokuqagela wathi uMengameli wahlala “nemali engcolile” ngaphambi kokuthi le mali yebiwe ngesikhathi kugetshengwa epulazini lakhe ngo-2020.

Manje kubukeka sengathi kungenzeka ukuthi uRamaphosa ubenale mali engcolile ngenhloso yenkohlakalo, ukwenza into engekho emthethweni noma ubugebengu.

Umholi we-African Transformation Movement, uVuyolwethu Zungula umemezele ukuthi uRamaphosa wayibalekela intela nokuthi “ukubalekela intela ukwebela abampofu.”

“Ngeke sibe nomengameli ontshontshela abantu abampofu.”

I-EFF kaJulius Malema iphinde yakhipha isitatimende esithi “uRamaphosa onguMengameli wakuleli wabamba iqhaza ekugwemeni ukukhokha intela.”

Kodwa ngaphambi kokuthi usuku lwangoLwesibili liphele, bonke bathotshiswe isiqiniseko sokuthi yonke imali engu-$4 million eyenziwa e-Phala Phala ngo-2020 yavezwa kwaSars.

UKieswetter ushayele uRamaphosa ihlombe namabhizinisi akhe njengoba kubonakala ukuthi ubehlezi ekhuluma nabasebenzi bakwa-SARS ngesikhathi socwaningomabhuku lwentela eminyakeni edlule.

“Ekuthatheni lesi sinyathelo esiyingqayizivele sokudalula isimo sentela sikaMengameli ngemvume yakhe ebhalwe phansi, abakwa-SARS bazophinde bakhuthaze abanye abasezikhundleni eziphezulu zezombusazwe nabaholi emphakathini ukuthi bacabange ukuthatha lesi sinyathelo njengengxenye yokuzibophezela kwabo ekwenzeni izinto obala. Lokhu kuzosiza kakhulu ekwakheni ukuzethemba ezikhungweni zezwe lethu.”

Ngenyanga edlule, i-Financial Action Task Force yabeka elakuleli “ohlwini lwayo olumpunga” lwamazwe anezihibe ekulweni nokukhishwa kwezimali okungekho emthethweni.

Esithombeni esingenhla: UCyril Ramaphosa

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva