Dylan Bettencourt
Abantu abaningi okuhlanganisa noNovak Djokovic uqobo – bebengalindela ukuthi lo mdlali wase-Serbia anqobe lesi sicoco esihlonishawyo se-Grand Slam kule mpelasonto edlule. Kodwa izenzo zakhe zokunqaba ukugoma ngaphambi kwe-Australian Open ezashiya umnyango uvuliwe ukuze uRafael Nadal aphule irekhodi.
Futhi uma kuvela ithuba lokuqopha umlando, uNadal ongumpetha uzowubamba ngezandla zombili. URafa ube ngowesilisa wokuqala ukunqoba izicoco ezingu-21 ze-Grand Slam, ehlula uDjokovic noRoger Federer.
UDjokovic, obekwe endaweni yokuqala emhlabeni, uphuthelwe ithuba kwi-US Open ngonyaka odlule. Ube esehlulwa uDaniil Medvedev, obephikisana noNadal ngeSonto e-Melbourne.
Lokho mhlawumbe bekuyithuba lokugcina kumpetha wethenisi wase-Serbia lokuwina i-Grand Slam, ngemuva kokuthi enqabe ukugonyelwa i-Covid-19. Ngeshwa lakhe, ukukhetha kwakhe okuxakile ngomgomo osindisa impilo, nokunye okuveza ukuthi weqa imithetho yokuhlala eyedwa engasondelene namuntu, kusho ukuthi ilokho azokhunjulwa ngakho.
Khonamanjalo, uNadal ogonyiwe wasebenzisa umqondo wazuza irekhodi elaphunyuka kuFederer, ngokungangabazeki omunye wabadlali bethenisi abakhulu kunabo bonke abake baba khona. Noma ningasibiza njengabashisekeli kwa-Scrolla.Africa, kodwa sicabanga ukuthi kungenxa yokuthi unina ungowaseNingizimu Afrika.
Kuyaxaka ukuthi uDjokovic wabonisa ukukhetha okubi kwezimiso zokuziphatha kanye nezokwelapha. Ngenxa yokuxoshwa kwakhe, ngeke avunyelwe ukuthi abuyele e-Australia iminyaka emithathu – okusho ukuthi uphuthelwe omunye wemicimbi emine yaminyaka yonke ye-Grand Slams.
Kweminye imicimbi emithathu, i-French Open igunyaze ukuthi bonke abadlali kumele bagonywe; Nakuba i-Wimbledon ne-US Open ayizange ikwenze, lokhu kunciphisa amathuba akhe.
Kodwa lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala manje kuzomele asebenze kabili njengoba esedinga ukunqoba ama-Grand Slam amabili ukuze ahole izimbangi zakhe.
Leli ihlazo lase-Australia elizokhunjulwa isikhathi eside, njengoba kufanele. Ukungathathi izinqumo eziphusile kukaDjokovic, kungase kumlahlekisele ngomsebenzi wakhe kanye nefa lakhe kwezemidlalo.
Imvamisa kuba njalo, kungakhathalekile ukuthi umuntu umangalisa kangakanani kulokho akwenzayo, uma ebeka izimpilo zabanye abantu engcupheni, imisebenzi yabo nanoma yiliphi ifa lingaphela kungazelelwe.
Lokho kubuze kuMason Greenwood no-Aaron Hernandez.
Umthombo wesithombe: @NewYorkPost