URadaba ngomunye wamaProteas obegqamile bedlala ne-India

Razeen Gutta

UKagiso Radaba uqokwe ukuthi abe ngomunye wabazophosa ibhola ngosuku lokuqala lomdlalo wokugcina womqhudelwano bedlala ne-India ngemuva kokuthi iqembu lakuleli lihluleke ukuthola i-tos ebebeyikhethile eyenze bacelwe ukuthi bangene kuqala.

Umshwibj oneminyaka engu-26 ubudala uthathe u-4/73  waphonsa ama-overs amaningi (angu-22) ngosuku lokuqala lomdlalo wakhe oyingqophamlando.

UVirat Kohli uhambe phambili ngemuva kokuthi abavulayo uKL Rahul noMayank Agarwal bekhishwe umdlalo usaqala. Ukaputeni we-India ubebambisane kahle noChesteshwar Pujara kanye noRishabh Pant ngaphambi kokulwela ukudlulela emqhudelwaneni wakhe wesibili  ngokushaya (amabhola angu-158) bebhekene nabashwibi abebengazibekile phansi .

Ukuzimisela kukaKohli kugcine kumisiwe ngesikhathi ekhishwa ngamabhola angu-79 emabholeni angu-201 ekhishwa nguRabada, okumenze wakhahlela elilodwa kunozinti. Iqembu lase-India lidlale amabhola angu-223 esewonke.

Abaqalayo baseNingizimu Afrika uDean Elgar no-Aiden Markram bayeke ukuyoshaya isikhathi esingaphezudlwana kwesigamu sehora ekupheleni kosuku kanti umshwibi weqembu lase-India ubelangazelela ukuphumelela kusenesikhathi.

UJasprit Bumrah ukwazile ukwenza lokhu sekusele imizuzu engu-15 nje kuphela yomdlalo wosuku, enzela ukuthi ukaputeni u-Elgar akhululeke ukuqhubeka nomdlalo.

UKeshav Maharaj umdlali weqembu lekhilikithi  uzophinde ahlangane noMarkram kwi-crease ngosuku lwesibili kusasa ekuseni kanti ama-Proteas aku-17/1 alandela ngemuva ngama-runs angu-206.

Izihloko zakamuva