UR.Kelly othweswe amacala obugebengu bocansi awenza eminyakeni engamashumi edlule ubhekene nodilikajele

Dylan Bettencourt

Umculi we-R & B uR.Kelly ugwetshwe udilikajele ngemuva kokuthi ijaji laseMelika limthole enecala lobugebengu bezocansi obubandakanya ukubamba intsha yabesifazane nabantu abadala ekuhlukunyezweni ngokocansi, ngokomzimba nangokomzwelo.

“Kuzisulu zaleli cala, amazwi enu azwakele, kugcine kutholakale ubulungiswa,” kusho ummeli obambile waseMelika uJacquelyn Kasulis ngoMsombuluko, ngesikhathi ememezela lesi sigwebo.

Bayi-11 sebebonke abammangali – abesifazane abayisishiyagalolunye nabesilisa ababili – abathule ubufakazi ekuqulweni kwecala elithathe amasonto ayisithupha, lapho abachaze khona ngokuhlukunyezwa nokululazeka ababhekana nakho ezandleni zikaR. Kelly.

UKelly, igama lakhe eliphelele uRobert Sylvester Kelly, kulindeleke ukuthi agwetshwe ngaphambi komhla zizine kuNhlaba ngowezi-2022 kanti imibiko ithi kungenzeka achithe impilo yakhe yonke ejele.

Lo mculi uphinde wasolwa ngamacala ayisishiyagalombili ahlukene okushushumbisa ngokocansi abesifazane kulo lonke elaseMelika. UKelly uphinde watholwa enecala lokukhohlisa ngokuqoqa imali engekho emthethweni.

UKelly oneminyaka engama-54 ubudala, oseke wathola izindondo kuma-Grammy amahlandla amathathu, wathengisa amarekhodi angaphezu kwezigidi ezingama-75, ungomunye wabaculi abahamba phambili emhlabeni.

Umsizi wommeli waseMelika u-Elizabeth Geddes uthe abalingani bakaKelly banika amandla futhi basekela isimilo sakhe sokuzitika eminyakeni engamashumi amathathu lapho ayenza khona ukukhohlakala.

Phezu kwemizamo eminingi yabammeli bakaKelly yokusindisa lo mculi ohlazekile, abehluleli babesifazane abahlanu nabesilisa abayisikhombisa bamthole enecala kuwo wonke amacala. Abehluleli bakhombise ukuthi lo mculi wasebenzisa udumo lwakhe ukuheha izisulu zakhe ngokuya ocansini nazo, futhi wasekelwa yithimba lakhe.

UKelly uthe wahlangana nezithombe zocansi futhi wadlwengulwa eneminyaka eyisishiyagalombili ubudala. Ubuye futhi waveza ukuthi kunendoda endala endaweni yangakubo eyayimhlukumeza ngokocansi esamncane.

Lesi sinqumo siza ngemuva kweminyaka eyi-13 ebekwe icala lokuqala ngamacala ezithombe zocansi lwezingane esifundazweni sase-Illinois. Amacala amaningana alo mculi avezwe embhalweni we-Surviving R. Kelly osize ukuveza izinto ezimbi ezenziwe yilo mculi eminyakeni edlule.

Umthombo wesithombe: @SkyNews

Izihloko zakamuva