Uqwale intaba ngempumelelo udokotela osemncane wakuleli

UDkt Gabriella Nel (25) uqophe umlando ngokuba umqwali wentaba osemncane wakuleli ukuqwala intaba i-Mount Everest.

Ufike phezu kwentaba ngomhlaka-17 kuNhlaba, ngemuva nje kokuhlanganisa iminyaka engu-25.

UNel owayengumfundi wase-St Andrew’s okuyisikole sabesifazane kuphela kuleli, usebenza njengodokotela e-Australia.

Ku-Facebook isikole simncome kakhulu saphinde samncoma ngokuba udokotela omncane emhlabeni wonke ukuqwala intaba ye-Everest.

Ubhekane nezinselelo ezithile okuhlanganisa nokuvuvukala ngenxa yamakhaza ngesikhathi eqwala intaba.

Utakulwe ithimba lakhe ekhempini yesithathu futhi uyohlezi ebabonga ngokusindisa impilo yakhe, kubika i-Good Things Guy.

Uvuvukale ezandleni nasezinyaweni zakhe zombili, isandla sakhe sokudla singu-grade four kanti isandla sakhe sobunxele singu-grade one and two. 

Naphezu kobunzima, uGabriella usazimisele ngokuphinde akhuphuke ngolunye usuku ebonisa ukuqina nothando lwakhe lokuqwala izintaba.

UGabriella wabelane ngohambo lwakhe lwe-Everest ne-Makalu Adventures, enikeza imininingwane mayelana nezimo abhekane nazo ohambweni lakhe.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Osesithombeni esingenhla: UDkt Gabriella Nicola Nel

Umthombo wesithombe: Isikole Samantombazane i-St Andrew’s Facebook

Izihloko zakamuva