Uqulekile umshayisibhakela ehlulwe emqhudelwaneni

Linda Ximba

Umshayisibhakela we-Featherweight uLungi Mhlanga uye waquleka ngeSonto ngemuva kwempi   emqhudelwaneni iKwaZulu-Natal Women’s Open Boxing Tournament eXobho esifundeni iHarry Gwala.

ULungi odabuka e-Newcastle ubeqhathwe noSiyamthanda Kunene waseMnambithi empini yabo ka-57 kg, impi ebihlelelwe imizuliswano emithathu, yemizuzu emibili.

Kube yimpi evuthayo kusukela kukhale insimbi yokuqala, kanti abalandeli babo bebebagqugquzela.

Ngesikhathi uSiyamthanda ebonakala ejabulela ukuba phezulu, ukhiphe izibhakela ezivuthayo eshaya uLungi ekhanda kodwa akazange akwazi ukumwisa. Ngemuva kwemizuliswano emithathu enzima, amajaji amemezele uSiyamthanda njengowinile.

Kodwa abebehambele lo mqhudelwano badonse umoya ngesikhathi uLungi equleka ngesikhathi ephuma eringini.

Izisebenzi zezokwelapha zifike ngokushesha zizomsiza. Ngokuhamba kwesikhathi umqeqeshi kaLungi u-Asanda Kubheka uveze ukuthi umshayisibhakela wakhe uquleke ngenxa yokukhathala nokuphelelwa amanzi emzimbeni.

“Cishe sekuzophela unyaka selokhu agcina ukungena eringini. Nangempela uziphushe kanzima kodwa ngeshwa uye waphelelwa amanzi emzimbeni. Besikhathazeke kakhulu kodwa usekahle manje futhi sesingayeka ukukhathazeka,” kusho lo mqeqeshi osekhululekile.

IPhini likaMengameli wale nhlangano uSiziwe Mfeka ubonge bonke abashayisibhakela besifazane ngobuningi babo abenze umbukiso omuhle yize uLungi ebengekho kahle ngokwezempilo.

Abashayisibhakela bebeqhamuka eThekwini, eKing Cetshwayo, eMgungundlovu, esefundeni iHarryGwala, e-Newcastle kanye naseMnambithi ukuzobamba iqhaza kulo mqhudelwano.

“Ngokwenza lo mqhudelwano sifuna ukuwagcina ematasa la mantombazane. Uma sekufike imiqhudelwano emikhulu sifuna amaqembu athumele abashayisibhakela abasezingeni,” kusho uMfeka.

Kuphinde kwakhethwa ikhomishana yabesifazane yesibhakela. UBuyi Buthelezi uqokwe njengosihlalo, uNksz Nolubabalo Nzoyiya waba yiphini lakhe kwathi uNksz Neli Dlamini waba ngunobhala.

Scrolla World Cup Quiz