Uqophe umlando umsubathi wakuleli kweyama-Commonwealth

Dylan Bettencourt

UChad le Clos uwine indondo yesiliva ku-200m butterfly yabesilisa ngeSonto ebusuku waba ngumbhukudi ohlanishwayo kakhulu emlandweni wemidlalo yama-Commonwealth.

Lo mbhukudi wakuleli ubedinga indondo eyodwa ukuze abe umbhukudi onezindondo eziningi emlandweni.

Ebekwe kumugqa wesihlanu uLe Clos ubengeyona neze intandokazi ukunqoba lo mjaho, kodwa kumqgugguzelile lokho ukuhamba phambili ku-150m.

Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala ubesele ku-50m ukuthi anqobe indondo yesithathu yegolide lakuleli, kodwa uLewis Clareburt wase-New Zealand uvele wathinta udonga ngaphambi kuka-Le Clos.

Kodwa uLe Clos uzoyithokozela indawo yakhe yesibili njengoba ebhale igama lakhe emabhukwini omlando.

Umbhukudi wakuleli uthole indondo yegolide kuma-olimpiki usenezindondo ezingi-18 ze-Commonwealth, okumenza abe nezindondo eziningi.

Imiklomelo yakhe ihlanganisa izindondo zegolide eziyisikhombisa, izindondo zesiliva ezine nezindondo zethusi eziyisikhombisa.

Manje uLe Clos uselingana nenani lezindondo eziwine nama-shooters uBrit Michael Gault noPhil Adams wase-Australia.

Kweminye imiphumela yokubhukuda uPieter Coetzee uwine owandulela owamanqamu we-backstroke ka-50m nokumbeka ethubeni lokungena kowamanqamu  okuzomenza awine indondo yakhe yesibili yegolide kule midlalo.

U-Erin Gallagher uphume isibili kowandulela kowamanqamu kwi-butterfly ka-50m kanti uzakwabo uRebecca Meder ophume endaweni yesithupha.

Izihloko zakamuva