Uqophe umlando umdlali ngamagoli amaningi kwiligi 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UHarry Kane ushaye igoli lakhe lesi-200 kwi-Premier League kanti lokho sekumenze umshayi magoli ohamba phambili we-Tottenham Hotspur.

I-North London ithathe isinqumo sokuhlangana ukuze isekele i-Spurs emzabalazweni wayo wokuphazamisa ompetha ezinsukwini ezingu-17 ngemuva kokuthi behlulwe ngamagoli amane kwamabili e-Etihad.

Eqinisweni babengakaze bashaye igoli futhi i-City ibiyazi ukuthi lokho kudingeka ukuthi kushintshe uma izosebenzisa ukuhlulwa kwe-Arsenal e-Merseyside.

Izivakashi ziqale kahle kuyizona ezigcine ibhola futhi zisho ngejubane enkundleni, kodwa emizuzwini engu-15 uKaputeni we-England ubesendaweni efanele ngesikhathi esifanele  njengoba enzile izikhathi ezingu-266 ngaphambili washaya igoli.

Amagoli angu-267 kuyo yonke imidlalo amenze wadlula uJimmy Greaves njengomshayimagoli ovelele weqembu, ephula irekhodi elahlala iminyaka engaphezu kwengu-53. Kanjalo wenze okufanayo nakwiligi njengoba esenamagoli angu-200, engena kuhlu oluhlanganisa kuphela u-Alan Shearer (260) noWayne Rooney (208).

I-Spurs besazi ukuthi kumele senze njani ukuze umdlalo uqhubeka, bafunde kwabadlule kukho ohambweni lwabo ngesikhathi bevumela ukuhamba phambili ngamagoli amabili kodwa bagcine behluliwe. 

UGuardiola wethule uKevin de Bruyne ngemuva kwehora futhi lo bekumdlalo oseqophelweni eliphezulu.

Kamuva, uChristian Romero ukhishwe ngekhadi elibomvu, kodwa i-City ayizange ithole igoli. Umpetha weqembu u-Erling Haaland wehlulekile ngisho nokuthinta ibhola endaweni yephenathi futhi abalandeli baqonde ukuthi lobu bekuwubusuku bomgadli wabo kuphela hhayi omunye umuntu.

Isithombe esingenhla: UHarry Kane

Umthombo wesithombe: @theathleticfc

Izihloko zakamuva