Uqophe umlando owaseSerbia koweGrand Slam

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UNovak Djokovic wenze ezibukwayo kwi-Grand Slam ngokunqoba amahlandla angu-23 e-Roland Garros kowamanqamu ehlula uCasper Ruud ngeSonto.

Lo mdlali wase-Serbian uqophe umlando omusha ezincwadini zethenisi njengoba kube nguyena yedwa obephethe irekhodi eliwina kakhulu le-Grand Slam, edlula uRafael Nadal osewine amahlandla angu-22.

URuud uqale ngamandla ngo-4-1 kwisethi yokuqala kodwa uDjokovic wabuya ngesitayela wadlala kahle ukuze anqobe i-tiebreaker.

Umdlalo udonse amahora amathathu nemizuzu engu-13, kwawinwa ngo-6-3 no-7-5 okusize lo mdlali oneminyaka engu-36 ubudala ukuthi awine amasethi aqondile.

Njengamanje uDjokovic usephinde wabamba indawo yakhe esicongweni samazinga omhlaba futhi waba ngumuntu wokuqala onqobe yonke imidlalo emine ye-Grand Slam kathathu.

“Kusobala ukuthi i-Grand Slam iyona enkulu kwimqhudelwano emine emikhulu esinayo emdlalweni wethu,” kusho u-Djokovic ngesikhathi ephakamisa indebe.

“Wonke umdlali uphupha ngokuba kulesi sigaba futhi awine indebe okungenani kanye emsebenzini wakhe. Nginenhlanhla enkulu empilweni yami ukuwina izikhathi ezingu-23, kuwumuzwa omangalisayo.”

UNadal uhalalisele uNovak ngokwephula irekhodi lakhe ku-Twitter: “Sihalalisela abaningi ngale mpumelelo emangalisayo u-23 inombolo enkulu ebekungakaze kucatshangwe ngayo eminyakeni embalwa edlule! Sijabulela yena nomndeni wakhe kanye neqembu,” ebhala ku-Twitter.

Isithombe esingenhla: UNovak Djokovic

Umthombo wesithombe: @rdxa22

Izihloko zakamuva