Farida Joyce
Ngemuva kwezinsuku ezine eshonile umlingisi uBusisiwe Lurayi sekuvele ukuthi uqokwe kuma-16th Annual South African Film & Television Awards (Saftas).
Kanye no-Ashley De Lange, uShamilla Miller, uJulia Anastasopoulos, no-Ilse-Lee Van Niekerk lo mlingisi we-How to Ruin Christmas owazuza i-Safta yakhe yokuqala ye-Best Supporting Actress ku-TV Comedy ngonyaka ka-2006 uqokwe emkhakheni we-Best Actress.
Uchungechunge lo mdlalo wakulel othi-How to Ruin Christmas, oludidiyelwe ngabakwa-Burnt Onion Productions bathole amagama angu-16 aqokwe ngesizini yesibili ku-Netflix SA.
I-Saftas yethule amagama abaqokiwe ngoLwesine.
UBusi okuyigama ayaziwa ngalo udlule emhlabeni ngeSonto esekhaya.
Umndeni wakhe esitatimendeni uthe usalinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sakhe ngoba imbangela yokushona kwakhe ibingakaziwa.
Imininingwane yomngcwabo wakhe ayikadalulwa.
I-Burnt Onion Productions ithe, “ukudlula emhlabeni kukaBusi kuwukulahlekelwa okukhulu hhayi kithina kuphela kodwa nasembonini yezobuciko yakuleli nakubo bonke abalandeli bakhe.”
Ama-Saftas adlulise amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kwalo mlingisi ku-Twitter ngomyalezo othi “kulesi sikhathi sokulahlekelwa sizwa ubuhlungu ngokudlula emhlabeni kuka- #BusiLurayi.
Sizomkhumbula njengomlingisi obenekhono elimangalisayo owawina umdlalo wakhe wokuqalakwi-#Safta ye-Best Supporting Actress kwi-TV comedy ngonyaka ka-2006.”