Celani Sikhakhane
Umholi we-ANC ongundabamlonyeni osolwa ngokucwasa ngokobuzwe useqokwe ukuthi abe ilungu lesigungu esiphezulu seqembu lesifundazwe (PEC) esifundeni i-Greater Johannesburg.
UPretty MaMkhize Xaba owaduma ngesikhathi ephumela obala eseka owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma ngesikhathi kuqulwa icala lakhe lokudlwengula ngo-2006, uzosebenza ngaphansi kobuholi bukaSihlalo osanda kukhethwa uPanyaza Lesufi.
UXaba uthe ukuqokwa kwakhe kuwuphawu lokuthi iqembu elingaphakathi kwi-ANC elisekela uZuma i-Radical Economic Transformation (RET) lithathe izintambo zobuholi baseGoli.
“Kuzobusa thina kwi-ANC eGoli njengamasosha e-RET. Sisekomitini eliphezulu ngobuningi futhi ngiyethemba ukuthi iKwaZulu-Natal izokwenza okufanayo,” usho kanje.
Ngenyanga edlule uke wasusa umsindo ngemuva kokuputshuka kocingo oluqoshiwe, ngesikhathi kuthiwa ubekhuluma amazwi acwasa ezinye izizwe.
Ubekhala ngokuthi amabheshu – ngokwale nkulumo, amaZulu – akufanele avumele abanye abantu ukuthi baphathe i-ANC esifundeni i-Greater Johannesburg.
Le nkulumo ichazwe ngamalungu e-ANC abedinwe egane unwabu njengokukhulumela ezinye izizwe nokuhlaba ikhwelo lokuthi amaZulu alawule i-ANC eGoli. Uze waphakamisa ukuthi uDada Morero aqokwe njengosihlalo ngoba engowaseKZN kanti unina ungowase-Bergville.
Amalungu e-ANC asole uXaba ngokuba umuntu ofuna ukulawula yonke imihlangano ye-ANC eGoli.
Kodwa-ke, ekugcineni uqokelwe kwi-PEC nakuba eseka uLebogang Maile hhayi uLesufi ukuthi athathe izintambo kuDavid Makhura njengoSihlalo we-ANC esifundazweni.
UXaba usehlomulile ngokweseka kwakhe uZuma isikhathi eside. Ngo-2009, waklonyeliswa ngesihlalo ePhalamende.
Amaqabane kaZuma asebeke amathemba awo KwaZulu-Natal ukuthi azophatha engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ngoZibandlela. Kuze kube manje amaqabane kaMengameli uCyril Ramaphosa athathe zonke izintambo e-Limpopo nase-Eastern Cape.
Yilapho i-ANC ezonquma khona ukuthi uRamaphosa uzothatha ihlandla lesibili yini njengoMengameli we-ANC. Uma ehluleka uzobe esenguMengameli wesibili we-ANC ukuphatha ihlandla elilodwa kuphela ngemuva kukaMnu Nelson Mandela owashiya phansi ngemuva kwehlandla lakhe lokuqala.