Uqhunyiswe ngebhomu umuzi wakubo kaNhlanhla Lux 

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Owayengumholi we-Operation Dudula uNhlanhla Lux ubesebenzisana nabezomthetho ukuze kunqandwe udlame emalokishini ahlukene – kodwa udlame luye lwafika ekhaya lakhe.

Njengoba kuqubuka iziyaluyalu e-Soweto ngesikhathi kuqala imibhikisho emigwaqeni eZondi, eZola, eMndeni nakwezinye izindawo emalokishini uLux ubesebenza kanzima ukugcina imigwaqo iphephile ubusuku bonke bangeSonto.

Ubezulazula emigwaqeni yase-Soweto ukuze anqande izinxushunxushu eqinisekisa ukuthi abangenacala abalimali. Ubefaka amavidiyo omsebenzi wakhe njalo ngehora ubusuku bonke eluleka abantu ukuthi bengahambi emigwaqeni futhi baqaphe njengoba kuqale iziyaluyalu.

Kodwa-ke, naye ube isisulu salezo ziyaluyalu.

Ubike ukuthi ikhaya lakubo ose-Soweto liqhunyiswe ngebhomu likaphethiloli ezintatha zangoMsombuluko, kanti amalungu omndeni wakhe okungenani angu-8 ebekhona endlini ngesikhathi kwenzeka isigameko.

Kubikwe ukuqhuma okuningi okunamandla okuqhumise namafasitela omakhelwane bakhe.

“Isizathu esenze umuzi wami uhlaselwe ukuthi abantu be-EFF abakwazi ukwamukela ukwehlulwa, bafuna ukuvala izwe, kanti abanye bethu bafuna ukuvikela izwe nokuvikela imiphakathi yethu,” kusho uLux.

Esithombeni esingenhla: UNhlanhla Lux

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva