Uqhude mnike isongo lakhe koweGhana ne-Uruguay

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Njengoba amaqembu amaningi kwiNdebe yoMhlaba ese-Qatar ebheke ukuzibekisela indawo esigabeni somkhumulajezi, manje amehlo azobe esethe njo kuweGhana ne-Uruguay.

Lamazwe azotholana phezulu ngoLwesihlanu kanti sekuphele iminyaka engu-12 iqembu lase-South America lakhipha i-Ghana emqhudelwaneni owawusenkundleni yezemidlalo i-FNB, eGoli ngaphansi kwezimo ezinzima.

Lo mdlalo waphuca I-Ghana ithuba lokuba   iqembu lokuqala e-Afrika ukufinyelela kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano – kodwa manje i-Ghana isenalo ithuba lokuziphindiselela.

Ukuwina kwe-Ghana ngo 3-2 ngoMsombuluko kuyinike ithemba lokuthi ingadlulela esigabeni somkhumulajezi.

Futhi lawo mathemba athathe elinye igxathu eliya phambili ngesikhathi i-Uruguay ihlulwa i-Portugal emdlalweni wangoMsombuluko ebusuku kanti lokho kuqinise indawo ye-Ghana eqoqweni.

Lesi simo sicishe sifane nesangeNdebe yoMhlaba yango-2010 eyayikuleli ngesikhathi i-Ghana ne-Uruguay belwela ukungena emaqenjini amane aphezulu.

Ngesikhathi umdlalo ungu 1-1 usuzophela, i-Ghana yaba nethuba elihle lokuhamba phambili ngesikhathi ibhola elalishaywe ngekhanda lidlula unozinti we-Uruguay – kodwa uLuis Suarez wavele walivimba ngesandla.

USuarez wanikezwa ikhadi elibomvu ngesikhathi i-Ghana inikezwa iphenathi. Umgadli u-Asamoah Gyan wazama ukushaya iphenathi – kodwa yashaya ipali.

USuarez wajabula iGhana isihlulwe iphenathi.

Umdlalo waya ekutheni kukhahlelwe amaphenathi lapho iqembu lase-South America elawina khona ngo 4-2 nokuyinto eyakhathaza i-Afrika yonke.

Lesi sigameko sike saba yiva eqenjini lase-Ghana iminyaka engaphezu kweshumi kanti abadlali bakudala nabamanje abakwazi ukukhohlwa yilokho okwenzeka.

Kodwa-ke, i-Ghana inethuba lokuziphindiselela kwi-Uruguay.

Umphumela ulula. Iqembu elizowina lizothola indawo kweyomkhumulajezi.

Umqeqeshi wase-Ghana u-Otto Addo uthe izibusiso, kunokuziphindiselela okusezingqondweni zeqembu ngaphambi komdlalo.

“Angiyona indoda ecabanga ukuziphindiselela kakhulu,” kusho lo mqeqeshi ngemuva kokuwina kwabo ngoMsombuluko.

“Leso sigameko senzeka kudala impela futhi ngikholwa ngokuqinile ukuthi uma ungaziphindiseli ngalezi zinto ngezinye izikhathi uthola izibusiso.”

Lindelani umdlalo omuhle uma i-Ghana isidlala ne-Uruguay okokuqala ngqa selokhu kwenzeka lesi sigameko kanti kuningi okusengenzeka futhi.

Esithombeni esingenhla: Isigameko  lapho uSuarez ngesikhathi bebhekene ne-Ghana

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva