Uqhude mnike isongo lakhe koweChiefs neBucs

Menzi Magubane

Kungenzeka ukuthi i-Mamelodi Sundowns ibiyintandokazi kumasizini adlule kodwa umdlalo womkhaya baseSoweto usawumdlalo omkhulu ekhalendeni le-DStv Premiership.

Noma abalandeli bekhona noma bengekho enkundleni yezemidlalo, umdlalo ophakathi kwe-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs kuseyiwona abalandeli abakhuluma ngawo ezitaladini zaseNingizimu Afrika.

I-Soweto Derby ezayo ngeke ihluke. Yonke indawo abathandi bebhola bayazilungiselela futhi uMgqibelo bawubona ukude ukufika.

Okuzokwenza le-derby ibe mnandi kuneyokuqala eyenzeka ngoMfumfu ukuthi womabili la maqembu adlale kahle ngempelasonto edlule.

Samsung Galaxy 14G

Kuyithathe isikhathi eside i-Chiefs ukuthi ithole amaphuzu ngesikhathi ibhekene ne-Baroka enenkani, okuhelele ekutheni basuke endaweni yesikhombisa  baye endaweni yesibili etafuleni le-Premiership.

I-Pirates ibisanda kuhlulwa ngamagoli amabili ngesikhathi idlala ne-Royal Leopards yase-Eswatini eyinenebule ngo 6-2 emdlalweni ka-Group B we-CAF Confederation Cup. Lokhu kuwina kubabuyisele emjahweni wowandulela amanqamu ngemuva kokuhlulwa emdlalweni wabo wesibili emasontweni amabili edlule.

Njengoba amaqembu womabili ehlezi esicongweni, umdlalo wangoMgqibelo kumele ube ngothokozisa abalandeli.

Lokhu kwenza kube nzima ukuqagela ozowina ngalolo suku kodwa qiniseka ukuthi lo mdlalo uzokwenza i-Soweto ihlukane phakathi, njengoba abezimnyama negolide bazobe bebhekene nabezimnyama nokumhlophe.

Ngeke zibe khona izibukeli ezinkundleni kodwa abadlali basazokwenza konke okusemandleni ukuwinela abalandeli babo ababukele besekhaya noma kwenye indawo.

NgoMfumfu kwashaywa amagoli amathathu kulo mdlalo obusenkundleni yezemidlalo i-FNB kanti Amakhosi ashaya into ecokeme ebhekene namaBhakabhaka.

NgoMgqibelo enkundleni yezemidlalo i-Orlando, abalandeli bazobe benethemba lokubona amanye amagoli. Abalandeli be-Chiefs bazobe benethemba lokuthi iqembu labo lizoqhubeka lapho eligcine khona bese lishaya izimbangi zabo ngokuphindwe kabili.

Abalandeli be-Bucs bazophinde balindele umphumela omuhle ngoMgqibelo ngoba bayazi ukuthi ukuthola amaphuzu angaphansi kuzobenza baphenduke undabamlonyeni.

Lo mdlalo ngeke ube nzima kubadlali nakubalandeli kuphela, uzophinde uvivinye isimilo kubaqeqeshi bamaqembu womabili.

Scrolla World Cup Quiz