Uqhekeko eqenjini lomculo elidumile 

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Iqembu le-Afro house elidume umhlaba wonke i-Black Motion lisengcupheni  yokwehlukana phakathi.

Leli qembu elinezingoma ezishisa izikhotha ezifana nethi, “Ngoma’, “i-The Journey” kanye nethi-“Mtshongo”, selifike esigabeni sokwehlukana.

UThabo Mobogwane oyilungu le-Black Motion uputshuze izithombe zesitudiyo sabo esicekeleke phansi ezikhombisayo ukuthi kulahleke imishini esitudiyo sabo.

Kamuva uye wafaka ama-screenshots emakhasini abo ezinkundla zokuxhumana ekhombisa incwadi yenkantolo ethunyelwe uzakwabo uBongani Mohosana.

Umyalelo wenkantolo uthi uMohosana kumele abuyise imishini yasesitudiyo eshaqiwe ngomhlaka-13 kuMasingana.

Kuthiwa uthathe imishini yase-situdiyo ngesikhathi behlukana.

Ngesikhathi i-Scrolla.Africa sizama ukuthola abammeli babo bezomthetho akekho obefuna ukuphawula ngalolu daba okwamanje ngoba icala lisenkantolo.

Abalandeli nozakwabo emculweni kuleli abafana noDJ Sbu kanye noGoodluck bebelokhu bethumela imiyalezo yokukhuthaza futhi benethemba lokuthi amalungu aleli qembu lomculo  azobuyisana futhi aqhubekele phambili.

Esithombeni esingenhla: I-Black Motion

Umthombo wesithombe: Drum

Izihloko zakamuva