Uqhekeko eqenjini le-ANC lubeka izwe engozini enkulu yezinxushunxushu

Toby Shapshak

Izingxabano ezingaphakathi kwi-ANC nezimpi phakathi kweminyango kahulumeni eyahlukene zenze ukuthi izidubedube zangoNtulikazi odlule zibe zimbi kakhulu, ngokusho kombiko wongoti mayelana nezinxushunxushu ezishicilelwe yiHhovisi likaMengameli ngoMsombuluko.

Uma ukulwa okuphakathi kungaxazululeki maduze, lo mbiko uthe, iNingizimu Afrika izohlezi isengcupheni yokuqhubeka nezinxushunxushu.

Babalelwa ku-342 abantu abashonile ezinsukwini eziyisishiyagalombili zodlame nokuphangwa kwempahla KwaZulu-Natali naseGoli. Izinxushunxushu ziqale ngemuva kokuthi lowo owayengumengameli wezwe uMnu Jacob Zuma eboshelwe ukweqa umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo wokuba avele phambi kweKhomishini kaZondo.

Umbiko uthole ukuthi ngaphambi kwalezi zinxushunxushu oNgqongqoshe bebengaboni ngaso linye, beqa igunya labo bagxambukela ekusebenzeni kweminyango yabo. Kungenzeka ukuthi nabo bebesebenza ngaphandle kwemvume kaRamaphosa, kusho umbiko.

Umbiko uphakamise ukuthi le mibandela isho ukuthi iziphathimandla azikwazanga ukuzilungiselela udlame olwadalwa ukuboshwa  kukaZuma. Kusho nokuthi iziphathimandla azikwazanga ukubhekana nezinxushunxushu ngesikhathi seziqalile.

USolwazi Sandy Africa, ongusihlalo we-Expert Panel ebhale lo mbiko, uthe lezi zimo azikakashintshi kusukela kuqubuke lezi zinxushunxushu, okushiya izwe lisengcupheni yokubhekana nezinxushunxushu ezifanayo.

“Ukuphangwa, ukucekelwa phansi kanye nodlame kufikile futhi kwadlula, kodwa sithole ukuthi kuncane okushintshile ezimeni eziholele ezinxushunxushwini, okushiya umphakathi ukhathazekile ngokuthi kungahle kube nokuqubuka okufanayo kwezinxushunxushu ezinkulu esikhathini esizayo,” kubhala u-Afrika.

“Umbuzo, abaningi abaphikisana ngawo, akukhona ukuthi izingxabano nodlame kuzokwenzeka yini, kodwa ukuthi kuzokwenzeka nini.”

Izihloko zakamuva