Uqhekeko emphakathini wase-Tswane ngezikhulu ezibathembise ugesi wamahhala  

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Iqeqebana lezikhulu zikaMasipala litheleke ezindaweni zokuhlala e-Tshwane, lithi lizosula izikweletu zikaMasipala ukuze zifakele izakhamuzi ugesi wamahhala ngenkokhelo encane yesevisi.

Kodwa bekungalona iqiniso.

Yize abanye bengene ogibeni lokukhohliseka, kodwa abanye baxwayise izakhamuzi futhi lokhu sekufinyelele ezindlebeni zezikhulu zangempela zikaMasipala.

Kusukela ngesonto eledlule, izakhamuzi zase-Mamelodi bezilokhu zikhuluma ngalolu daba lwezikhulu kwi-WhatsApp group.

Isakhamuzi uDudu Tlhoaele wase-Nellmapius Extension 1, uthe ube nokusola njengoba lezi zikhulu mbumbulu bezikhuluma njengabantu basemazweni angaphandle.

Uthe bamthembise ukuthi bazosiqeda isikweletu sikaMasipala, kodwa akanaso isikweletu.

“Ngicele ikhadi labo ngathi ngisebenzela uMasipala, bavele babaleka ngibe sengingena ku-WhatsApp group yethu yomphakathi ukuze ngixwayise abanye,” kusho uDudu.

Iqembu lezigelekeqe alizange liphele amandla. NgoMsombuluko belise-Mamelodi East.

Isakhamuzi sase-Ikageng sithe ukube bekungeyona imoto kaMasipala edlula emgwaqeni wakhe ubezobakhokhela.

“Ngidayisa ubhiya futhi ngineziqandisi eziningi kanti nginendawo yokuwasha izimoto. Laba besilisa ababili bangisabise ngokuthi bazonginqamulela amanzi nogesi uma ngingabaniki u-R10 000. Bakwazile ukungikhohlisa ngoba bese ngilinde indodakazi yami ukuthi ikhiphe imali, kodwa kuvele kwaqhamuka imoto kaMasipala.”

Uthe laba besilisa ababili bazame ukucasha wabona ukuthi kukhona okungahambi kahle.

“Imoto yama e-tuck shop ngabatshela ukuthi ngizolanda izikhulu zikaMasipala ukuze ngibone ukuthi abaqhubi yini umgunyathi, ngathi ngiphuma egcekeni bangena emotweni yabo babaleka.”

Okhulumela uMkhandlu wase-Tshwane, uSelby Bokaba uthe bathukuthele bagane unwabu njengoba lezi zigebengu zidle uMasipala izigidi zakhohlisa nezakhamuzi.

“Lezi zigebengu ziphatha umazisi olunophawu lwedolobha okungelona iqiniso kanye nenombolo kamazisi. Osonkontileka bedolobha baphethe izimvume zomazisi ezihlukile.”

“Uma kwenzeka izakhamuzi zitholakala zisebenzisana nalaba abarobha ugesi zizohlawuliswa imali eshisiwe.”

Uthe abakhohlisi bazoboshwa babekwe amacala futhi baphinde bashushiswe.

Isithombe esingenhla: Ikhadi likaMasipala elingumgunyathi elisetshenziselwa ukuzama ukuqola izakhamuzi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva