
Everson Luhanga
Umndeni wase-Ratanda e-Gauteng ushonelwe izingane ezintathu kanti eyesine isesimweni esibucayi esibhedlela okusolakala ukuthi zidliswe ushevu nguyise.
Uyise wabo naye usesibhedlela egadwe ngamaphoyisa ngemuva kokuba amaphoyisa emfice equlekile emzini wakhe ose-Ratanda ngase-Heidelberg.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant Colonel uMavela Masondo usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa avule icala lokubulala nelokuzama ukubulala.
Abafana abashonile kubalwa oneminyaka eyisithupha, ona-13 none minyaka engu-16 bonke bashone ngemuva kokuthi uyise esolwa ngokubaphuzisa isiphuzo esibuyisa amandla okusolakala ukuthi sinoshevu.
UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng uPanyaza Lesufi uzwakalise ukuphatheka kabi ngezindaba zokushona kwalezi zingane.
Laba bafana bebefunda esikoleni samabanga aphansi e-Ratanda nasesikoleni samabanga aphezulu e-Khanya Lesedi e-Ratanda.
ULesufi uthe imibiko yokuqala ithi uyise walaba abathathu abashonile uphuzise izingane zakhe ezinhlanu iziphuzo zokubuyisa amandla ekuseni ngesikhathi zilungiselela ukuya esikoleni.
Abane kubo baphuze lesi siphuzo ngemuva kokufika esikoleni ngoLwesine.
“Okubuhlungu ukuthi abafundi ababili abashiwoyo bashone esikoleni ngemuva kokukhala ngesisu kanti owesithathu uphuthunyiswe esibhedlela esiseduze kodwa washonela endleleni.
“Ingane yesine isesimweni esibucayi esibhedlela kanti eyesihlanu ngenhlanhla ayizange isiphuze lesi siphuzo,” kusho uLesufi esitatimendeni esikhishwe ngoLwesine.
ULesufi udlulise amazwi enduduzo emndenini ikakhulukazi umama wabantwana. “Ngiphinde ngidlulise amazwi enduduzo kubangani, abafundi noothisha,” kusho uLesufi.
Uthe okwamanje akwaziwa ukuthi yini eholele ekufeni kwabo kanti abomthetho basaphenya.
UMnyango wezeMfundo e-Gauteng usuthumele uphiko lwawo lwe-Psycho-Social Support ezikoleni ezithintekile ukuze luhlinzeke ngosizo lokwelulekwa ngokomqondo. Le nqubo isiyenziwe nakumndeni oshonelwe.
UNgqongqoshe uLesufi uzovakashela izikole nomndeni.
ULieutenant Colonel uMasondo uthe amaphoyisa afice uyise wabafana equlekile endlini. Uphuthunyiswe esibhedlela kanti manje ugadwe ngamaphoyisa.
Ongoti be-SAPS Forensic Specialists nabo babizelwe endaweni yesigameko. Amaphoyisa azolinda imiphumela yokuhlolwa kwezidumbu okuyiyo ezocacisa imbangela yokushona.