UPutin nohlu lwamagama abazosocongwa e-Ukraine

Dylan Bettencourt

UVladimir Putin kubikwa ukuthi usehlanganise ithimba labasocongi angu-400 aqeqeshwe ngezinga eliphezulu ukuthi balibhekise e-Kyiv ukuyobulala abesilisa abangu-23, okuhlanganisa nezilamani uVital noWladimir Klitschko.

Inhloso enkulu yethimba ukubulala uMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zeleknsky futhi acekele phansi uhulumeni, ngokusho kwe-The Times.

Iningi lalabasocongi abangamalungu e-Wagner Group, inhlangano yamasosha ezimele exhumene noPutin kuthiwa selicijile ukuze ligadle.

UMnu uRichard Barrons, owayengumphathi we-Joint Forces Command, utshele i-The Times: ukuthi “basebenza ngendlela ehlukile futhi kunzima ukubabona.”

“Bangavela  njengezithunzi, benze izinto ezinodlame bese bephinde bephele emehlweni, ngaphandle kokuthi kubonakale ukuthi ubani owenze lokhu. Abaxhumene ngqo nohulumeni wase-Russia ngakho-ke akulula ukuthi baziwe.”

Imiyalo yabo ilula, bagudluza uhulumeni bafune imali enkulu.

I-Wagner Group kuthiwa yatshelwa ukuthi izilungiselele ngoba kunomsebenzi abazowenza e-Ukraine kusukela ngoZibandlela, batshwelwa ngaphambi kokuba amasosha ase-Russia atshelwe.

Imibiko iphakamisa ukuthi uVitali Klitschko, umphathi wedolobha wase-Kyiv, uphezulu ohlwini kanye nomfowabo uWladimir.

Izelamani bezidume kakhulu esibhakeleni kuma-heavyweight iminyaka eminingana kodwa manje bazithola besempini, belwa impi nelinye lamasosha aqine kakhulu emhlabeni. Bobabili uVitali noWladimir bebelokhu bekhuluma ngokuphikisana nokuhlasela kukaPutin kanye nokuzimisela kwabo ukuthatha izikhali ngokumelene namabutho akhe.

Abashayisibhakela bamanje uVasyl Lomachenko no-Oleksandr Usyk bajoyine amasosha ukuze bavikele izwe labo ngalezi zikhathi ezinzima.

Imibiko yendawo iphakamisa ukuthi uPutin useyalele ukuthi kumiswe ukungqubuzana okwamanje ngenkathi exoxisana noMengameli wase-Ukraine njengoba befuna indlela ezobayisa phambili.

Kodwa-ke, njengoba izingxoxo zihlukana phakathi, “uhlu lwamagama abantu okumele babulawe” lingase lisetshenziswe futhi bazothola amabhonasi amakhulu ngokubulala” okuyiyo into abathenjiswe yona.

Umthombo wesithombe: @Reuters

Izihloko zakamuva