Phillip Van Niekerk
UMengameli waseMelika uJoe Biden kanye noMengameli wase-Russia uVladimir Putin bachithe amahora amaningi bebhekene ngqo ezinhlamvini zamehlo ngoLwesithathu.
Ingqungquthela ebise-Geneva iqhamuka ngemuva kokuwohloka kobudlelwano phakathi kweMelika ne-Russia, amazwe anamandla amakhulu enuzi emhlabeni.
Umphumela ube muhle yize izindaba eziningi ezinzima kusamele zixazululwe.
Kwaba wushintsho oluphawulekayo kusukela emhlanganweni omkhulu wokugcina phakathi kukaPutin nomengameli waseMelika ngonyaka wezi-2018 lapho owayengaphambi kukaBiden, uDonald Trump eguqa phambi kukaPutin futhi wasolwa ngokuba yisichashalala somholi wase-Russia.
I-Russia yasiza ekutheni uTrump akhethwe ngowezi-2016 futhi yangenelela okhethweni lwaseMelika ngonyaka owedlule iphikisana noBiden kanti futhi sekusabalale nokusetshenziswa kwe-cyberattacks yi-Russia ukudicilela phansi intando yeningi kwenye indawo emhlabeni.
UPutin sekuyisikhathi eside ezwa ubutha ngokumelene neNtshonalanga akholelwa ukuthi yehlise i-Russia ekupheleni kweMpi Yomshoshaphansi futhi yayiphendula ukuba ngabalandeli. Isifiso sikaPutin ukwakha kabusha i-Russia njengombuso womhlaba wonke.
Yize kusenomehluko ojulile phakathi kwala mazwe womabili – ngalinye likhomba omunye ngomunwe ngempi yasezinkundleni zokuxhumana – uPutin uthe: “Akuzange kube khona ukuhilizisana. Kunalokho, umhlangano wethu ubuqhutshwa ngumoya owakhayo.”
UBiden uphinde waphakamisa udaba lwamalungelo abantu kanye nomholi weqembu eliphikisayo wase-Russia u-Alexei Navalny.
UBiden uzwakalise ithemba lokuthi yize bengeke bavumelane ngazo zonke izinto, uPutin ufuna ubudlelwane obuzinzile neMelika. Into yokugcina angayifuni manje “iMpi Yomshoshaphansi” etshela izintatheli.