UPutin ngeke aboshwe uma efika kuleli 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Uhulumeni wakuleli uncamela ukushiya i-International Criminal Court (ICC) kunokubopha uMengameli wase-Russia uVladimir Putin ngamacala empi.

NgoLwesibili, uMengameli uCyril Ramaphosa uthe isizwe sizoshiya ubulungu baso kule nkantolo ngemuva kokukhipha incwadi egunyaza ukuboshwa kukaPutin ngenyanga edlule. Selokhu ahlasela i-Ukraine nyakenye, uPutin ubekwe icala lokuthutha izingane zase-Ukraine ngendluzula azise e-Russia okuyicala.

Njengelungu le-ICC elakuleli kulindeleke ukuthi libophe uPutin uma efika kuleli ngoNcwaba uma selisingethe ingqungquthela ye-BRICS (i-Brazil, i-Russia, i-India, i-China kanye nelakuleli) kulo nyaka.

“Yebo iqembu elibusayo lithathe leso sinqumo sokuthi kuwubuhlakani ukuthi elakuleli liphume kwi-ICC,” kusho uRamaphosa esithangamini sabezindaba ngoLwesibili.

“Lokhu kungenxa yendlela i-ICC ebonakale ibhekana nalezi zinkinga.”

Ukuhoxa kukahulumeni kaRamaphosa kulindeleke ukuthi kuholele ekutheni amazwe ase-Afrika aphume kwi-ICC ngemuva kweminyaka ekhala ngokuthi inkantolo ibonakala ihlose ukuhlasela amazwe ase-Afrika.

Kuze kube manje abantu base-Afrika kuphela ababhekane namacala kwi-ICC ngamacala empi.

Phambilini uhulumeni wasihambisa lesi siphakamiso ebuholini be-ANC kodwa izithunywa zasichitha engqungqutheleni ye-ANC.

Phambilini elakuleli layishaya indiva incwadi ye-ICC yokuboshwa kwalowo owayenguMengameli wase-Sudan u-Omar al-Bashir.

Nakuba uRamaphosa engashongo ngokuqondile ukuthi ukuvakasha kukaPutin yikhona okuyisizathu sokuphuma kwezwe, ubudlelwano belakuleli ne-Russia buyaziwa futhi kuze kube manje i-ANC ayikakugxeki ukuhlasela kwakhe i-Ukraine.

UNgqongqoshe wezobudlelwano bamazwe ngamazwe nokubambisana uNaledi Pandor uchaze i-Russia “njengomngane omdala emlandweni” wakuleli.

“Sesikubeke kwacaca ukuthi i-Russia ingumngani futhi sesineminyaka eminingi sibambisene kubalwa nobudlelwano bethu ngesikhathi silwa nombuso wobandlululo owaqeda abantu bakithi nezwe lethu.

“Nakuba singabangani nabaningi emhlabeni ngeke sibe izitha ngokuphazima kweso ngoba kufuna abanye.”

Izihloko zakamuva