Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Abantu abayisikhombisa, okuhlanganisa nezikhulu eziphezulu, abanikazi bamabhizinisi, kanye nowayeyiLungu lePhalamende, bazinikele ophikweni loKlebe oluphenya ngobugebengu iSerious Commercial Crime eGauteng ngoLwesithathu.
IScrolla.Africa ingakuqinisekisa ukuthi owayekhulumela i-ANC uPule Mabe nomkakhe bangabanye ababoshiwe.
Bazovela eNkantolo Yamacala Akhethekile Ezohwebo ePalm Ridge ngemva kokucutshungulwa kwecala labo.
Okhulumela oKlebe, uBrigadier Thandi Mbambo, uthe ukuboshwa kwalaba kulandela uphenyo olwenziwa yiSpecial Investigating Unit (SIU) mayelana nokungahambi kahle kwethenda kahulumeni ka-2016.
UMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya eGauteng wacela ukuthi kufakwe iziphakamiso zethenda yokulawulwa ngendlela imfucuza.
“NgoNdasa ka-2017, kwanikezwa ithenda ka-R27 million kwa-Enviro-Mobi,” kusho uMbambo.
“Isivumelwano sathi umnyango uzokhokha kuphela uma sekuphothulwe u-50% womsebenzi, futhi ayikho enye imali evunyelwe ukuphuma.
Kodwa-ke imali engaphezu kuka-R25-million yakhokhelwa i-Enviro-Mobi ngama-motorised three-wheelers angu-200, nakuba le nkampani yayisazikhipha lezi zimpahla.
Kamuva i-Enviro-Mobi yacela enye imali engu-R9-million yokugcina impahla nokunye.
UMbambo uthe inkampani ifihle ukuxhumana nosopolitiki othintekayo futhi yaqamba amanga ngokuletha izimoto nemisebenzi.
Icala lavulwa ngoMfumfu ka-2020, okwaholela ophenyweni loKlebe. Abasolwa babhekene namacala okukhwabanisa, ukweba, ukwephula umthetho wePublic Finance Management Act kanye nePrevention of Organised Crime Act.
Osesithombeni esingenhla: UPule Mabe.
Umthombo: Sithunyelwe
