Uprofesa Karaan wanikela ngempilo yakhe kwezolimo

Sizwe Sibiya

Uprofesa Mohammad Karaan, uSolwazi owaziwa ngezeMfundo yezoLimo e-Stellenbosch University, ushonile.

UNgqongqoshe wezoLimo eNtshonalanga yeKapa uIvan Meyer uziqinisekisile lezi zindaba zokudlula emhlabeni kukaKaraan ngoLwesithathu, wathi uprofesa obeneminyaka engama-52 unqotshwe yi-Covid-19 ngoLwesithathu.

“Ulahlekelwe kakhulu umphakathi wezolimo nowezemfundo eNingizimu Afrika,” kusho uNgqongqoshe ku-Twitter.

INyuvesi ithe, uSolwazi Karaan owenza iziqu ze-Master’s kanye ne-PhD kwezolimo e-SU, ubephinde abe ngumengameli we-Maties Rugby Club e-SU – futhi wanikela impilo yakhe yonke ebhizinisini lezolimo naseNyuvesi.

“Ube nomthelela omuhle kakhulu kwiNyuvesi, kwezolimo kanye naseNingizimu Afrika,” kusho uProfesa Danie Brink, umphathi we-AgriSciences Faculty e-SU.

Kuwo wonke umsebenzi wakhe uhlonishwe ngendima yakhe yobuholi kule mboni yi- “Agbiz, Agri SA kanye ne-Agricultural Writers SA” phakathi kwabanye abaningi abafunde isitatimende esikhishwe yiNyuvesi ngoLwesithathu.

UKaraan ushiye izingane zakhe ezinhlanu kanye nomkakhe uBasheerah.

“Siwile esinye isihlahla. Indima ayidlalile kanye negalelo lakhe kuzoqhubeka nokusikhuthaza,” kusho uMeyer.

Isithombe: Stellenbosch Visio

Izihloko zakamuva