UPrince Kaybee ukhiphe icwecwe elandulela elokugcina i-The 4th Republic

Sizwe Sibiya

Nge-albhamu yakhe yango-2021, i-The 4th Republic ekhishwe mhla zi-5 kuNdasa, uPrince Kaybee ukhumbuze abantu abaningi ukuthi kungani anqoba uhlelo lwethalente lwaka-SABC i-1s and 2s, olwaqala uhambo lomculo wakhe ngowe-2015.

Le albhamu inezingoma ezingama-24 ezihamba phambili njenge-Ebabayo, lapho afake khona umculi onekhono uNolwazi.

Ku-YFM, uKaybee umemezele ukuthi lo msebenzi uzoba yi-albhamu yakhe ezondlalela  eyokugcina, ngemuva kokukhipha ama-albhamu amathathu phambilini.

Imisebenzi yakhe yakuqala ibandakanya ne-EP enesihloko esithi-The Crossover, okuyiqoqo lezingoma eziyisishiyagalolunye eziqukethe i-remix yengoma yakhe eyathandwa kakhulu “iGugulethu.” Kule-remix kubophelene izinkakha ezinkulu zomculo ezifana no-AKA ne-Indlovukazi, kanye nabanye.

Lo DJ oneminyaka engama-31 ubudala wase-Senekal e-Free State, ukwazile ukunamathela emsindweni wakhe wendabuko, yize Amapiano ewuhlobo lomculo olusezingeni eliphezulu eNingizimu Afrika njengamanje.

Lesi sihlabani sithatha abalandeli bomculo ohambweni olwedlulele oludabula yonke imingcele yase-Afrika ngengoma yesi-Swahili ethi “Umenitosha,” ayishaya noPolaris.

Umthombo wesithombe: @PrinceKaybee_SA

Izihloko zakamuva