UPrince Kaybee ubanjiwe ukuthi ubephinga!

Everson Luhanga noMmaditaba

Lesi sihlabani sengoma eshisa izikhotha “iBanomoya” sivezwe njengomkhohlisi ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi umakhwapheni wakhe abelana ngezithombe zezingxoxo zabo zaku-Instagram kanye nezithombe ezasendwa nguPrince enqunu.

Yize ejwayele ukuba ngundabamlonyeni ngomculo wakhe nangemidanso yakhe ezikhundleni zokuxhumana, kodwa ubengalindele ukudala izinxushunxushu ngehlazo elifana naleli.

Ekuqaleni, uKaybee ukuphikile ukuthi wake uyaphinga, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ube esevuma esidlangalaleni ukuthi ubephinga futhi ekhohlisa intombi yakhe, uZola Mhlongo.

Abesifazane abaningi babhale ku-Twitter ukunikela “ngesidlo sasemini samahhala” komunye wosaziwayo abaphezulu kuleli.

Omunye umsebenzisi ubuze uPrince Kaybee ukuthi, “Ngingakukhipha nini siyodla isidlo sasemini? 😭😍”.

Abanye okwamanje, bamfanise nalowo owayenguNgqongqoshe weKhabhinethi uMalusi Gigaba kanye nomsakazi woKhozi FM, uPastor Sthembiso Zondo.

Bobabili uGigaba noZondo babizwa ngokuthi “babusisiwe” ngemuva kokuputshuka kwezithombe zabo benqunu ezinkundleni zokuxhumana – zombili ezathwetshulwa ngesikhathi sokungathembeki.

UPrince Kaybee, ongomunye woDJ abahamba phambili kuleli, uvezwe ngowesifazane owaziwa kuphela ezinkundleni zokuxhumana njengo-Eurica.

Ngemuva kokuzama izizathu ezahlukahlukene ukuphika kwangasizi ngalutho, uPrince Kaybee ugcine evumile futhi waxolisa.

Encwadini evulelekile, uphinde wavuma ukuthi bekungekhona okokuqala ephinga ebudlelwaneni futhi nokuthi wake wakhohliswa phambilini.

Ku-Twitter, uPrince uxolisile entombini yakhe, wavuma ukuthi uyiphoxile esidlangalaleni. Waphinde waxolisa nakumama wakhe.

I-tweet yakhe ibifundeka kanje: “Ngiyiphoxile intombi yami esidlangalaleni. Abantu engibaphoxile, amabhizinisi engiwamele, intombi yami kanye nomama wami, ngiyaxolisa kakhulu

ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami.”

Ngonyaka odlule, lo DJ owaziwayo nentombi yakhe uZola, asebethandane ngaphezu konyaka, bathulula konke okusenhlizweni yabo esiqeshini sohlelo lwe-YouTube, i-Defining Love.

Kodwa sizobona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi ngabe basathandana yini ngemuva kwale nhlekelele.

Izihloko zakamuva